Izindaba

Kuyaphenywa ngokubulawa kukamgcinimabhuku waseKurhuleni

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kuyaphenywa ngokubulawa kukamgcinimabhuku kumasipala waseKurhuleni uMpho Mafole

Image: Sigciniwe

UDokotela Zweli Mkhize ongusihlalo wekomidi elibhekelele ukuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ePhalamende ukugxeke kakhulu kubulawa kukamgcinimabhuku kumasipala waseKurhuleni ngoMsombuluko.

Ekhuluma nabezindaba uDkt Mkhize uthe kubulawa kwabasebenzi bakahulumeni ikakhulukazi labo abasekhaleni lokuphenya ngenkohlakalo kungukubuyisela emuva umsebenzi wokuvikela isithunzi sikahulumeni ngoba ukuhlaselwa kwabo kwenza kungaphumeleli ukukhonjwa nokuhlaliswa obala kwabenza inkohlakalo.

Umcwaningimabhuku omkhulu eDolobheni laseKurhuleni, uMnuz Mpho Mafole wabulawa ngoMsombuluko ehamba emgwaqweni omkhulu uR23 eKempton Park nokuyinto equbule imibuzo ngembangela yokuhlaselwa kwakhe.

Yize isizathu sokubulawa kwakhe singakacaci, amaphoyisa aseqale uphenyo lokubulala.

Okhulumela amaphoyisa uDimakatso Nevhuhulwi: "Ngokolwazi esilutholile, isisulu besihamba ngemoto emgwaqeni u-R23 ngesikhathi sidutshulwa abasolwa abangaziwa. Imbangela yokudubula ibingakaziwa okwamanje kanti uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka."