Izindaba

Kuyaphela ngecala lakwaShembe

Thokozani Ndlovu|Published

UMHOLI webandla lamaNazaretha waseThembezinhle, inkosi Phinda ’Kukhanyakwelanga’ Shembe. Isithombe: SIGCINIWE

KUYAPHELA ngoLwesibili ngecala lombango wobuholi bebandla lamaNazaretha, phakathi kwabaseBuhleni nabaseThembezinhle. INkantolo yoMthethosisekelo izonquma ukuthi ngubani umholi ofanele webandla, kula maqembu aseBuhleni.

Icala selokhu laqala ngo-2011. Isinqumo selokhu savuna abaseThembezinhle. INkantolo eNkulu yaseThekwini, kwaphuma kuyona isinqumo okokuqala, yathi umholi ofanele ngowaseThembezinhle.

Icala ladluliselwa eMgungundlovu ukubuyekeza isinqumo. Nakhona inkantolo yavuna iThembezinhle. Liphinde ladluliselwa eNkantolo yaMacala aDlulisiwe eBloemfontein. Nakhona isinqumo sangashintsha ukuthi abaseThembezinhle yibona abanomholi ofanele. Labe seliyiswa kweyoMthethosisekelo osekungeyokugcina.

Okhulumela abaseThembezinhle, uMnuz Nkululeko Mthethwa, uthe akaboni ukuthi lukhona ushintsho oluzoba khona ngesinqumo saleli cala.

“Sihlela ukuthi sibe nesithangami nabezindaba ngoLwesithathu eThekwini, ukuze sizocacisa ngomhlahlandlela ngokuzokwenzeka emva kwesinqumo. Akukhathalekile ukuthi isinqumo sizobe sivune bani kodwa isithangami sizoba khona. Kuzobe kungabaseThembezinhle kuphela abazobe bezokhuluma nabezindaba,” kusho uMthethwa.

UMnuz Thokozani Mncwabe okhulumela abaseBuhleni, uthe akukho angakusho manje kodwa bazolalela abameli bebandla ukuthi bathini.

“Ukuphuma kwesinqumo kuzobe kungasho ukuthi sekumele amalungu ebandla ayeke ukuza esontweni. Sicela aqhubeke nokukhonza. Sizozwa ngomholi nabameli ngokuzokwenzeka emva kwalokho,” kusho uMncwabe.

Ongumeluleki wezomthetho ohlangothini lwaseBuhleni, u-Adv Lizwi Ncwane, uthe okwamanje akukho abazokusho kodwa bazolinda isinqumo bese bazisa abantu ngokuzokwenzeka.

Uthe ngeke bathathe kude emva kokuphuma kwesinqumo, bazocacisa yonke into.