UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala uthe bazozivala izindawo zokuvakasha ezingeke ziyilandele imibandela kathaqa emva kokuthathwa kwesinqumo sokuthi ziqale ukusebenza.
Esithangamini nabezindaba eThekwiini ngeSonto, uZikalala uveze ukuthi ezokuvakasha zifaka * -10%, emnothweni wesifundazwe.
“Njengesifundazwe, umnotho waso oncike nakakhulu kwezokuvakasha, siyasamukela isinqumo sokuxegisa imigomo ezindaweni zokuvakasha njengoba sekuthiwa azivule zisebenze,” kusho uZikalala.
Uthe ngaphansi kwesigaba sesithathu sikathaqa, amahhotela, izindawo zokulala zizovumeleka ukuthi zamukele izivakashi lezo ezenza umsebenzi obalulekile nophuthumayo uma ziphethe izimvume zokusebenza.
“Siyaqonda ukuthi lo mkhakha ukweminye eshayeke kakhulu kulandela ukubheduka kweCorona futhi siyakholwa ukuthi ukuvulwa kwazo kuzozenza zivuke ziphinde zilekelele emnothweni wesifundazwe,” kusho uZikalala.
Uthe baphatheke kabi uma bezwa ukuthi elinye lamahhotela amadala eThekwini i-Edward Hotel alikwazi ukuvula ngenxa yokushaywa yiCorona.
“Lesi ngesinye sezibonelo esikhombisa ukuthi lolu bhubhane lube nomthelela onjani emnothweni nasemisebenzini esifundazweni, ngakolunye uhlangothi siyasamukela isinyathelo esenziwe iTsogo Sun Hotels sokufaka ngaphansi kwayo i-Edward Hotel. Njengohulumeni wesifundazwe siyaxoxa nomboni yezokuvakasha sibheke ukuthi singalekelelana kanjani,” kusho uZikalala.
Uthe bazowuqinisa umkhankaso wabo wokusiza amabhizinisi afake izicelo kwi-UIF nakwi-National Tourism Relief Fund.
“Njengohulumeni kunezinhlaka esizibekile ukuzama ukuvikela umnotho nokugwema ukuthi isimo sempilo yabantu singashayeki kakhulu,” kusho uZikalala.