Umphathiswa wezemfundo KwaZulu-Natal Sipho Hlomuka.
Image: Tumi Pakkies Independent Newspapers
KUHLATSHWE ikhwelo kubafundi abazobhala u-matric KwaZulu-Natal ukuthi basebenzise incwadi enamathiphu azobacija njengoba kusele izinyanga ezimbalwa baqale ukubhala izivivinyo.
La bafundi bayalwe ngokuthi abasebenzise isikhathi esisele ukuthi bagxile ezincwadini zabo, bafunde. Ikhwelo lihlatshwe nguMphathiswa wezeMfundo uMnuz Sipho Hlomuka, njengoba abafundi bezoqala ukubhala ngo-Okthoba.
Bangu-173 584 abafundi abazobhala u-matric esifundazweni nonyaka.
UHlomuka uthe zingaphansi kuka-100 izinsuku ezisele ngaphambi kokuba ziqale izivivinyo.
"Lide ibanga leminyaka engu-12, elihanjwe abafundi abazobhala u-matric kulo nyaka. Izivivinyo zalo nyaka ziqala ngo-Okthoba 21, kanti ziqala nge-Eastern Languages, kanjalo ne-Computer Applications Technology," usho kanje.
Uthe ziphothulwa ngoNovemba 26, 2025.
"Abafundi mabazilungiselele ngendlela nakuba kusasele izinyanga ezimbala ngaphambi kokuba babhale. Mabasebenzise i-Study Tips Booklet ezobasiza ngamathiphu ngaphambi kokubhala. Abazakhele ne-timetable yabo abazofunda ngayo, baphinde babheke ukuthi babhalani ngaliphi ilanga."
Ubaxwayise ngokuthi bangazibandakanyi nezinto ezingafanele uma sebebhala ezingabenza bagcine sebejeziswa kanzima.
"Sibaxwayisa ngokuthi bangazihlanganisi nezinto ezithinta ukukopela ngoba zinomthelela ongemuhle ngomuso. Ayikho indlela enqamulelayo ezivivinyweni ngaphandle kokuthi ufunde, uphinde uzinikele ukuze uphase."
Ngaphambi kokuba abafundi baka-matric babhale, basayina isibophezelo sokuthi ngeke bazihlanganise nezinto ezingalungile njengoba bebanjelwa imiphumela yabo uma kutholakala ukuthi bakopelile.
Le micimbi iba kuzona zonke izifundazwe kanti kusuke kuxwayiswa ngayo ukuthi abafundi babe nonembeza bangakopeli.
Abanye abasuke bekopelile uma kutholakala ubufakazi babanjelwa imiphumela yabo, kwabanye ithathwa njengento engekho, baqaliswe phansi babhale.
Baphinde bajeziswe ngokuthi babekelwe iminyaka ethile bengazibhali izivivinyo njengoba besuke bedonsa isigwebo sabo ngokukopela.
Related Topics: