AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal anxusa abesifazane ukuthi baqaphele ngaso sonke isikhathi bangabi abagilwa bamadoda afuna ukubaqola imali yabo abayisebenze kanzima.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Thembeka Mbele, uthe kunezigebengu ezicuthela abesifazane abadala, abangabafelokazi nabadivosile zenze sengathi ziyabathanda kanti zifuna ukubaqola.
Uthe izigebengu zincenga abesifazane ukuthi basule emsebenzini ukuze batshale imali yabo noma zibancenge ukuthi babonane nenyanga ezobasiza ukuthi yandise imali yabo iphindaphindwe.
UColonel Mbele uthe sekuke kwenzeka ukuthi abesifazane babe ngabagilwa balobu buqola. Inkinga wukuthi akulula ukuphenya lolu hlobo lwamacala ngoba kusuke kade kunesivumelwano sokunikana imali futhi kade kuthandwana.
Uthe abesifazane bayaxwayiswa ukuthi baqaphele bangathembi noma ngubani ngemali yabo abasuke beyonge impilo yabo yonke.