BADONSWE ngendlebe abasebenzi bakamasipala iHarry Gwala, ngokuthi baziqhelelanise nomkhuba wokukhwabanisa imali yomkhandlu. Lokhu kwenzeke emkhankasweni wokunqanda lo mkhuba njengoba bekuyi-International Fraud Awareness Week eqale ngoNovemba 14 yaze yagoqwa izolo.
Imenenja yomkhandlu, uNkk Nomnandi Dlamini, ithe bafuna abasebenza eHarry Gwala, bazi ukuthi bona njengomkhandlu abahambisani nenkohlakalo.
"Lo mkhuba esiwuhebezayo awumuhle neze futhi ubulala izinhlelo zomkhandlu njengoba kuphazamiseka imali esuke ihlelelwe ukubhekelela ngokuthuthukisa umphakathi. Ngalo mkhankaso sifuna ukuqinisekisa ukuthi abasebenzi bayaqikelela ngaso sonke isikhathi ukuthi bayaziqhelelanisa nobugebengu," kusho uNkk Dlamini.
Inombolo yokubika abasolwa ngokukhwabanisa ithi: 0800 701 701.