Imbawula
Image: Sithunyelwe
ZISASHAQEKILE izihlobo zabayisikhombisa okuthiwa babhubhiswe wukuhogela intuthu yembawula endlini ebebelele kuyo KwaMnyandu, eMgungundlovu, ngeSonto.
Kuthiwa endaweni yesigameko kushone abayisithupha, kwathi owesikhombisa washonela esibhedlela.
Esinye sezihlobo ezishonelwe kulo mshophi, uMnuz Nkosiphile Zungu, uthe bona bahanjelwe wuMnuz Philasande Zungu (23).
Uthe kwenzeka isigameko nje, ekhaya bekunomcimbi ngoMgqibelo, kuhlatshiwe. Akafunanga ukwanda kabanzi ngokuthi umcimbi bekungowani.
“Emva komcimbi kuhambe ugesi njengenjwayelo. Kwasho ukuthi kumakhaza. Babe sebebasa imbawula, bayibeka emva kwesicabha sendlu ebebelaliswe kuyo,” kusho uZungu.
Uthe basola ukuthi balale ivutha ngenxa yamakhaza futhi bezitshela ukuthi baphephile njengoba ibibekwe endaweni engenabungozi.
“Umonakalo ubonwe ubaba wekhaya ekuseni ngeSonto, ebona bengavuki, waze waya kuyo le ndlu, wafike wadudula isicabha,” kubeka uZungu.
Uthe ube esezithela phezu kwabayisithupha babo, belele bengasaphefumuli.
“Owesikhombisa kuthiwa ubesaphefumula kodwa kunzima. Uphuthunyiswe esibhedlela kodwa sizwa kuthiwa ubuye washona naye,” kusho yena.
Udalule ukuthi bonke ebebekule ndlu yizihlobo ebezifike kulo muzi ngoba kunomcimbi, waveza nokuthi iningi labafi bahlobene kodwa bebesuka emakhaya ahlukene.
Uthe sibashaqisile isigameko sokuhamba kwezihlobo kanye kanye kade kuhlangenwe kubuswa.
“Sibuhlungu ngoPhilasande ngoba ubesemncane, sisabheke lukhulu kuye,” kusho uZungu.
Nokho uthe abasoli nyawo lwemfene ngesigameko, wathi sibe yibhadi elehlele izihlobo kungazelele.
Umnikazi wekhaya okwenzeke kulo isgameko, uMnuz Nkululeko Magwenyane, utshele abezindaba zeSABC ukuthi naye usathukile.
“Ngihambe ngaya kule ndlu ekuseni, ngithi ngiyobavusa. Ngiqale ngangqongqoza kodwa kwangasabela muntu. Ngithe ngisuka ngangiwuvula ngenkani umnyango, ngathi uma ngingena ngaphakathi, ngabathola benganyakazi,” usho kanje.
Uthe ngesikhathi esamangazwe yilokhu, ube eseqaphela ukuthi bebebase imbawula kule ndlu ebebelele kuyo.
UMphathiswa woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, edlulisa amazwi enduduzo, wexwayise abantu ukuba baqaphele uma bezifudumeza ngezinto ezifana nezimbawula nama-generator.
Uthe ukwenzeka kwesigameko saseMgungundlovu kusibeka kwabayisishiyagalolunye isibalo sabashone ezigamekwini eziyamaniswa nezigigaba zobusika njengoba kufe abanye ababili ngoMgqibelo emijondolo yaseCrossmoore, ngaseChatsworth, eThekwini.
“Wonke umuntu akaqaphele, aphephe njengoba kuyisebusika. Nginxusa nabazali ukuthi baqaphe nezingane zabo ukuthi abazishiyi zodwa uma zihlezi eduze kwezimpahla zikagesi ezifudumezayo,” kusho uButhelezi.
Ujube abamathimba ezinhlekelele emindenini ukuyolekelela ngayo yonke inhlobo yosizo eludingayo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe amaphoyisa asePlessislaer aphenya idokodo lokufa kwabantu kulandela ukufa kwamalungu omndeni ayisithupha KwaMnyandu, ngeSonto.
“Kuthiwa amadoda ayisikhombisa omndeni owodwa abelele endlini enegumbi elilodwa ngoMgqibelo, ebase imbawula ukuze afudumale. Ngakusasa (ngeSonto) elinye ilungu lomndeni (ebelilele kwenye indlu) lifike lavula umnyango, lazithela phezu kwabayisithupha, bengasaphefumuli. Owesikhombisa ubephefumula kanzima,” kusho uNaicker.
Uthe kubizwe i-ambulensi, abezimo eziphuthumayo bafike baqinisekisa ukuthi abayisithupha bashonile.
“Lona wesikhombisa uphuthunyiswe esibhedlela. Abashonile baneminyaka ephakathi kuka-17 no-50,” kusho uNaicker, othe banxusa abantu ukuthi bayeke ukusebenzisa izimbawula ezindaweni ezivalelekile.
Uthe ukuzibasa ezindaweni ezivalelekile, kuholele ekufeni kwabantu ngezikhathi zasebusika.
“Siyaqhubeka nokubafundisa abantu ngalokhu emihlanganweni yomphakathi njengoba siye siqaphele ukuthi izigameko ezifuze lezi zihlale zanda ebusika,” usho kanje.
Related Topics: