Izindaba

Kuxwayiswa abalimi ngesifo samatele

sabelo mbatha|Published

KUXWAYISWA abalimi ngesifo samatele kuleli

Image: Facebook

KUNXUSWE abalimi ukuthi banciphise noma bakumise ukuhanjiswa kwezilwane kulandela ukusabalala kwesifo samatele. UMnyango wezoLimo uthe isifo esiqale sabikwa KwaZulu-Natal, sesisabalele nasezifundazweni iMpumalanga, naseGauteng.

"Sekuqinisekiswe izehlakalo ezimbili zalesi sifo ngaphandle kwaKwaZulu-Natal. Epulazini eMpumalanga kutholwe ukuthi umsuka wesifo use-Utrecht, KwaZulu-Natal lapho bekudayiswa khona esidlangalaleni," kusho uMnyango.

Uthe nakuba bezingekho izimpawu zesifo ezibonwe odokotela bezilwane kodwa olunye uphenyo lukuqinisekisile ukuthi isifo sesisabalele nakwamanye amakhempu akhelene naleli pulazi. "Kubikwe elinye ipulazi eGauteng, kubonakale izimpawu zamatele ezisolisayo kwabe sekuthathwa amasampula ayohlolwa okuthe uma ebuya kwavela ukuthi anegciwane elifanayo naleli elizungeza KwaZulu-Natal."

UMnyango uthe kwenziwa uphenyo ukubheka imfuyo eyathengwa neyadayiswa esidlangalaleni kule ndawo.

Ukubheduka kwamatele sekuholele ekutheni iChina, imise ukwamukela imikhiqizo yezilwane  okubalwa inyama yenkomo. UMnyango unxuse abalimi ukuba banake isikhathi  esiyizinsuku ezingu-14 lapho izimpawu zalesi sefiso zisuke zingakabonali.

"UMnyango unxusa  bonke abalimi bemfuyo ezweni lonke ukuba bazame ngayo yonke indlela ukunciphisa ukuhanjiswa kwemfuyo. Sicela abadayisa esidlangalaleni nabanikazi bemfuyo ukuba baqaphele uma bethenga izilwane ezifundazweni lapho kunalesi sifo."

Uthe umthetho uyabaphoqa abanikazi bemfuyo ukuba baqinisekise ukuthi imfuyo yabo isesimeni esihle sempilo.

UMnyango ululeke ngokuthi izimpawu zalesi sifo ezibonakalayo kufanele zibikwe ngokushesha kodokotela bezilwane bakahulumeni.

“Isigaba 11 se-Animal Diseases Act siphoqa bonke abanikazi bezilwane nezimenenja ukuthi kube umsebenzi wabo ukugwema ukuthelekeka kwezilwane zabo, ukunqanda ukusabalala kwezifo ezilwaneni nasezakhiweni," kusho uMnyango.