KUDONSWE ngendlebe abahola izibonelelo zikahulumeni, ukuthi bangalokothi banike abanye izinombolo eziyimfihlo zokukhipha imali.
Lesi sixwayiso sikhishwe nguNksz Sandy Godlwana onguMqondisi wezokuXhumana nokuKhangisa kwaSouth African Social Security Agency (Sassa), KwaZulu-Natal.
UNksz Godlwana ukhiphe isixwayiso emuva kokuthi uNksz Pamela Mgojana waseTshelimnyama ngasePinetown ekhale ngokungayitholi imali yesibonelelo sengane kababekazi wakhe olele esibhedlela. UNksz Mgojana uzifikele kwiSolezwe ekhala ngokuthi ubabekazi ongaphilile okwamanje umnike inamba yekhadi lesibonelelo sengane engesiyo, wagcina engakwazi ukuholela ingane.
“Ngiyile kwaSassa ePinetown nasePosini kodwa abazange bangilekelele. Okungiphethe kabi wukuthi ingane kayinalo ubisi, yingakho ubabekazi wami enginike ikhadi ukuze ngiyiholele. Ngiyacela bandla abakwaSassa bangilekelele,” kusho uNksz Mgojana.
Isolezwe lithinte abakwaSassa, kwangenela uNksz Godlwana othe abahola izibonelelo banelungelo lokuqoka umuntu ozohola isibonelelo uma bengaphilile kahle. Kodwa isicelo kufanele senziwe emahhovisi abo (Sassa) bese begcwalisa ifomu echaza ukuthi isibonelelo sizoholwa ngomunye umuntu.
Uthe uma selisayiniwe ifomu elibizwa nge-procurator form, oqokiwe unikwa igunya lokuhola isibonelelo kodwa kufanele aphathe umazisi wakhe.
Uma kuwukuthi isimo sesiyaphuthuma uNksz Godlwana, uthe onakekela ingane kufanele aye kwaSassa oseduze naye, ephethe isitifiketi sokuzalwa sengane ayinakekelayo, iriphothi yasesikoleni, umazisi, incwadi enekheli lalapho ehlala khona kanjalo neshoyo ukuthi uhola malini ukuze afake isicelo sokuhola isibonelelo sengane.
UNksz Godlwana uthe abahola izibonelelo kufanele baziqaphe ngeso lokhozi izinamba zabo eziyimfihlo ngoba ukuzinikeza noma wubani kungaholela ekutheni baqolwe.
“Ukugwema izigameko zokuqolwa siyabacela abahola izibonelelo bangazikhiphi izinombolo zabo eziyimfihlo,” kusho uNksz Godlwana.