Simphiwe Ngubane
UMNYANGO wezeMpilo uyichithe njengamampunge imibiko ethi uNgqongqoshe wawo uDkt Zweli Mkhize unenkampani eyakha izimpahla zokuzivikela kwiCorona.
Le mibiko isabalale ezinkundleni zokuxhumana uTwitter, Facebook noWhatsApp.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo, uDkt Lwazi Manzi, uqinisekisile ukuthi uMkhize akanayo inkampani ekhiqiza izimpahla zokuzivikela kwiCorona.
“Yimibiko engamanga lena. Akukho muntu emndenini wakwaMkhize onebhizinisi lokukhiqiza, ukudayisa nokusabalalisa izimpahla zokuzivikela kwiCorona,” kusho uDkt Manzi.
Uyalele abaphehli bala manga nalabo abayisabalalisile noma baphawula ukuba bayisuse ngokushesha ezinkundleni zokuxhumana bese beyaxolisa kuMkhize ngokusabalalisa imibiko engamampunge.
“Kuyicala ukufafaza imibiko engelona iqiniso ngesikhathi somvalelandlini futhi uMnyango wezeMpilo ngeke unanaze ukuthathela izinyathelo abaqamba amanga nabasabalalisi bawo. Le mibiko idicilela phansi isithunzi nendlela yokusebenza kwabaholi bahulumeni. Iyaphazamisa futhi ibukekela phansi umsebenzi obalulekile wokulwa neCorona,” kusho uDkt Manzi.
Uxwayse abantu ukuthi baqaphele bangafafazi amanga ezinkundleni zokuxhumana.
“Sisesikhathini lapho kudlanga khona igciwane. Indlela enhle ekulweni nalo ngukuba abantu bahlome ngolwazi oluyiqiniso oluzolekelela ukunqoba iCorona,” kusho uDkt Manzi.