SENYUKILE isibalo sabantu asebengakwazi ukuhlangana uma kunemicimbi, emuva kokuxegiswa kwemigomo enqanda ukusabalala kweCorona kuleli. Ethula inkulumo ebhekiswe ezweni uMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa, uthe elakuleli ulehlisele esigabeni sesibili somvalelandlini.
Wathi emva kokubonisana nekomiti longoti bezempilo elelukeka ngeCorona, ikomiti elihlanganisa ongqongqoshe, amaqembu epolitiki, ondunankulu, izimeya, abamabandla, abaholi bendabuko, bathathe isinqumo sokuthi elakuleli balehlisele esigabeni sesibili somvalelandlini.
Uthe sekuvumelekile ukuthi kuhlangane abantu abangu-250 uma besendaweni evalelekile ngoba esigabeni okusukwa kuso okungesesithathu, bekuvumeleke abangu-50. Endaweni evulekile sekuvumeleke abantu abangu-500 ukuba bahlangane.
Ukudayiswa kotshwala ezindaweni obuthengwa bese kuhanjwa nabo buzotholakala ngoMsombuluko kuya ngoLwesihlanu phakathi kuka-10 ekuseni no-6 ntambama. Kuthi ezindaweni lapho okuhlalwa khona buphuzwe utshwala, buzodayiswa kulandelwa imibandela yamalayisensi alezindawo. Izindawo zokudlela nezokuphuza zivumeleke ukuvula kuze kube wu-10 ebusuku ngoba akuvumelekile ukuthi kube khona abasemgwaqweni phakathi kuka-11 ebusuku no-4 ekuseni, ngaphandle kwabasuke benezimvune ezikhomba ukuthi bayasebenza. URamaphosa ugcizelele ukuthi abantu kumele bahlala begqoke izifonyo, baqhubeke nokuqhelelana ukuze bavikeleke.
Imigomo yesigaba sesibili somvalelandlini izoqala ukusebenza ngoMsombuluko