KULANDWE izidumbu zabantu ebezisaphazeke eceleni komgwaqo ngaseMakro eMgungundlovu okuvele ukuthi zibalelwe kweziyisikhombisa.
Izolo imoto yezidumbu kusukela ekuseni ibilokhu ihamba iziqoqa njengoba bezisezindaweni ezehlukene.
U-Makro namanye amabhizinisi aseceleni, okubalwa iChina Mall ne-SAB, bangenelwe ngabantu kwathathwa impahla, ase ashiswa ngoLwesibili.
Isolezwe libikile ngalesi sigameko esilandele ukushiswa kwenxanxathela yezitolo e-Edendale naseBrookside ngoMsombuluko.
Isolezwe lithole ukuthi abanye abantu kuvele ukuthi bacindezelekile ngesikhathi betapa impahla, abanye badutshulwa ngonogada abaqapha le ndawo sebezama ukubaleka nezinto.
“Kuthiwa badutshulwe ngonogada bakhona, abebeqaphe isimo. Abantu bebeyotapa, onogada babathela phansi ngenhlamvu. Okubuhlungu ukuthi izidumbu bezisaphazeke zigcwele umgwaqo, ngakhona eMakro. Imoto yezidumbu ifike ngoLwesine izilandile, ibilokhu iziqoqa,” kusho umthombo ocele ukungadalulwa.
Omunye umthombo nawo ocele ukungadalulwa uthe indaba isuswe utshwala.
“Abanye bebeyothatha utshwala ngakhona kwaSAB. Abanye bebethi bayohlanza indawo ebishile kodwa bebeyobheka okusalile. Izidumbu zisaphazekile ezikhotheni, badutshuliwe,” kusho umthombo.
Isolezwe lithole ukuthi abanye abashonile kulesi sigameko abaseMbali.
“Abanye izihlobo zabo ezahamba ziyotapa ukudla ezingakabuyi bekuthiwa abayozibheka ngakwaMakro, kulaba bantu abashonile,” kusho omunye umthombo.
Kuze kwaba ntambama izolo, imoto enkulu yezidumbu ihamba ithungatha abashonile.
Kwi-eNCA kuvezwe imoto yezidumbu ihamba izicosha ngokuhlukana. Uhulumeni uveze ukuthi bangu-91 abantu abashone eKZN kulezi zibhelu.