UMENGAMELI wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa uvule ngokusemthethweni isikhungo sezempilo sesikhashana esizoba nemibhede engu850 iCTCC1 eCape Town namhlanje ekuseni.
Emukela uRamaphosa, uNdunankulu waseWestern Cape, uMnuz Alan Winde, utshele umengameli ukuthi lesi sikhungo sikhulu ukuzedlula zonke e-Afrika ezibhekene nokwelapha iCovid-19.
URamaphosa ube nohambo kulesi sikhungo athe uWinde sizoqala ukwamukela iziguli ngoMsombuluko wangoJuni 8. Ngesonto izisebenzi bese ziqalile ukuzoqeqeshwa ngokuthi zizosebenza kanjani.
Uhambo lukamengameli lulandela ukuvakashela kwakhe eGauteng, KZN nase-Eastern Cape ukuhlola ukuthi ihamba kanjani impi ebhekiswe kuleli gciwane. URamaphosa wamukele isethulo ethimbeni elibhekene nokulwa neCovid-19 eWestern Cape ngaphambi kokuba avakashele kwiRed Dot Health Staff Transport Operations.
ICTICC ngeke yelaphe abantu asebebangwa nezibi. URamaphosa kwakufanele avakashe ngoMeyi 15 kodwa lwahoxiswa emuva kokuba uWinde esesemgonqweni wezinsuku ezimbili kulandela ukushona ngenxa yeCovid-19 komthwebuli we-eNCA, uLungile Tom, owake waba seduze noWinde.