UNKK Thembisile Hlatshwayo, amukela iziqu zendodakazi yakhe engasekho emhlabeni, eduduzwa nguRegistrar waseDUT uDkt Maditsane Nkonoane emcimbini wokuthweswa iziqu eDUT ngoMgqibelo
Image: SITHUNYELWE
SIBUYE sinjengoba sinjalo kuNkk Thembisile Hlatshwayo (45), isithombe sendodakazi yakhe engasekho emhlabeni, uNksz Sinenhlanhla Hlatshwayo (25), ngesikhathi eyokwamukela iziqu zayo ze-Diploma in Information and Communications Technology, emcimbini wokuthweswa iziqu weDurban University of Technology (DUT), obuse-Olive Convention Centre, eThekwini ngoMgqibelo.
Exoxa neSolezwe ngalo mzuzu, emva kokwamukela iziqu zendodakazi uNkk Hlatshwayo, uthe lubuye lunjengoba lunjalo usizi lokushiywa wumntwana wakhe, amshiya nezingane zakwabo ezine ezimelamayo, ikakhulu njengoba ahamba emhlabeni engagulanga.
“Namanje asikapholi leso silonda ngenxa yendlela ahamba ngayo emhlabeni, namanje engisadidekile ngayo. Wabuya ekhaya ngoNovemva 2024, emva kokuqeda ukuhlolwa kokuphela konyaka, kwadlula isonto elilodwa, kwasa ethule emva kokuthi sihlukene ngayizolo ebusuku siyolala engenalutho nje. Kusenzima ukwamukela isimo esangehlela, ngoba ngihlale ngizibuza ukuthi senzeka kanjani, namanje angizitholi izimpendulo,” kusho uNkk Hlatshwayo.
Uthe wayenethemba lokuthi njengoba ayesefundile, kwakuzothi angaphothula izifundo zakhe, athole iziqu bese efuna ngazo umsebenzi owawuzokwenza isimo sasekhaya sibe ngcono kakhulu kunesiyikhona manje.
UNKK Thembisile Hlatshwayo, amukela iziqu zendodakazi yakhe engasekho emhlabeni, emcimbini wokuthweswa iziqu eDUT ngoMgqibelo
Image: SITHUNYELWE
“Ubewumntwana oziphethe kahle, ekhonze isonto futhi ubengenangane njengoba sibona sekuwumkhuba ovamile kontanga yakhe, abazala ngapha nangapha, bagcine bengaqedanga isikole. Kubuhlungu ukuthi umntwana wakho wokuqala ukuya enyuvesi, esikhathini okumele ngabe sijabulela umvuzo wakhe, usuwamukelwa yimina ngendlela ebuhlungu kangaka manje,” kusho yena.
Yize kubuhlungu kanjalo, uNkk Hlatshwayo waseMachibini, eMtubatuba, enyakatho yaKwaZulu-Natal, uthe ubone kubalulekile ukuthi afike ukuzokwamukela iziqu zomntwana wakhe ngoba ubebona ukuthi ubezikhandla kangakanani ngezifundo zakhe.
Uthe wethemba ukuthi lokhu kuzokhuthaza izingane zakhe ezisele ukuqhubeka nemfundo zihambe ezinyathelweni zikadadewabo ongasekho emhlabeni.