Izindaba

Kuvuke iminjunju kumphathiswa kufihlwa amakholwa abhubhe engozini

Zimbili Vilakazi|Published

ABEKLELE kanjena amabhokisi omngcwabo wabebefihlwa abahambe emhlabeni ngengozi yemoto

Image: SITHUNYELWE

UVUKWE wumunyu uMphathiswa wezokuThutha KwaZulu Natal, uMnuz Siboniso Duma egonyuluka ngokuthi naye wake wabhekana nosizi lokudlulelwa ngamalungu omndeni wakhe engozini yomgwaqo. UDuma ubekhuluma izolo ngeSonto emngcwabeni wamakholwa angu-9 adlule engozini yemoto enyantisa igazi eyenzeke kuN2 ngesonto eledlule. Inkonzo ebikade ihanjelwe ngamahlelo ehlukene ibiseSilethukukhanya High, kuward 3, eMtubatuba.

Kwabadlula kule ngozi kubalwa uNkk Sarafina Makhosi Magwaza, Nkk Celiwe Priscilla Zikhali, Nkk Dudu Octavia Mthembu, Nkk Winnie Nobuhle Mkhwanazi, Nkk Cabangile Zodwa Mavundla, Nkk Qhamukile Zanele Khumalo, Nkk Sihle Mdamase, Mnuz Mphikiseni Bongani Sithole noMnuz Bongani Ndlovu.

UDuma uveze ukuthi lesi simo sivusa izinhlungu neminjunju kuyena ngoba naye wake wabhekana nesimo esifuze lesi.

''Kwadlula umama wami, ubhutiabashana bami ababili kanye nomzala. Bonke ngosuku olulodwa engozini yemoto. Ngangizibuza nje ukuthi lokhu kwenzeke kanjani. Ngizibuza ukuthi lokhu kudalwe yini ukuthi kwenzeke kimina ekubeni uNkulunkulu ngimthanda kangaka,'' usho kanje.

Uthe nabafana abancane bamaHebheru kwakuthiwa mabakhonze izithixo kodwa bashaya phansi ngonyawo ngoba babethi bazi uNkulunkulu wangempela.

Uqhube wathi nabezihlobo ezishonile kumele baqhubeke bakhonze uNkulunkulu noma ngabe kunzima kangakanani.

''Ngangizibuza ukuthi kungani lokhu okunje kwenzeke kimina. Ngangizitshela ukuthi ngelinye ilanga uNkulunkulu uyongiphendula angitshele ukuthi kungani kwenzeka kimina,'' usho kanje.

Uthe ngaleso sikhathi uMphathiswa wezokuThutha kwakunguMnuz uBheki Cele

.''UKhongolose wangilekelela kakhulu ukuze umngcwabo wasekhaya uhambe kahle kakhulu. Yingakho nathi le mindeni sithathe isinqumo sokuthi siyithumelele abantu abazoyibheka ngezindlela ezahlukene,'' usho kanje.

Ubaqinise idolo abale mindeni wathi uNkulunkulu unabo noma kunje.

''UNkulunkulu unecebo lakhe."

Uthe le mindeni kumele inqobe usathane ngokuthi iqhubeke imkhonze uNkulunkulu noma isimo ebhekene naso sinzima.

IMeya yaseMkhanyakude uMnuz Siphile Mdaba, ithe kumele kulungiswe izinto kuphenywe ukuthi kungani le moto yayilayishe  inqwaba yabantu.

IPhini likangqongqoshe wezokuThutha, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, lithe wayekhathele umshayeli owayeshayela imoto ethwala ezinye uma zingahambi, okuyiyo eyashayisa eyayihamba amakholwa.

UHlengwa uthe yingakho kubalulekile  ukuphumula emgwaqweni.

Uhlelo beluphethwe ngobunyoninco nguMbhishobhi Vusi Dube webandla i-EThekwini Community Church (ECC). Bekukhona nongqongqoshe beminyango ehlukene.