UMHOLI weMK Party uMnuz Jacob Zuma uhambele eVosloorus, Ekurhuleni, njengoba iqalile imicimbi eyendlalela umgubho omkhulu wangomhlaka 16 Disemba kulo nyaka.
UZuma ukhuthaza ukubambisana kwamaqembu abantu abamnyama kuhlangane imihlathi eyazanayo ukuze kubuyiswe izwe. Uthi awafuneki amambuka, abantu asebekhethe ukujikela umuntu omnyama bahamba nondlebe zikhanya ilanga.
“Abaphikisana nemibono yokhokho bethu, sizobancenga, sizobalanda, ngisho sesiliphethe izwe sizobabuyisa ngoba kulokhu okuzayo sizobe siliphethe,” kusho yena.
UZuma uthi wayefuna izinombolo ezanele ukuba balibuyise izwe, uthi futhi bakuzuza lokho kodwa abantu ababala amavoti bathatha amavoti abo baphisana ngawo kwamanye amaqembu. Wayefuna ukuthi bangene bewumkhonto balithathe izwe, futhi kufanele ngabe sebeliphethe
“Laba ababebala amavoti bawatshontsha amavoti ethu, bawathatha bawanikeza abanye abantu. Sazama ukuthi akuke kumiwe kungaqale kukhishwe imiphumela ngoba amavoti atshontshiwe, bona bagijima bayikhipha imiphumela.”
Banikela enkantolo ngoba babenobufakazi obuningi, kodwa banquma ukulihoxisa icala ukuze babale kahle wonke amavoti atshontshwa futhi baphenyisise nalabo ababamba iqhaza ekwenzeni lokho.
“Sesiphinde salivusa icala limi ngezinyawo, enye inhlangano eyayihamba phambili iphika ukuthi akekho otshontshe amavoti, isiqome ukulilaxaza icala ngemuva kokubona ubufakazi esibuphethe, sekukaningi siyibhalela ukuthi ayiphendule ngalo, kwala ngisho isibhalelwa yinkanto ukuthi iphendule ngalezi zinsolo.”
Uthi abantu bayomangala ngoba baningi abazovela ukuthi banecala ngalokhu. Uthi uyazi ukuthi laba abanye bathi uma bebona ukuthi icala lidla bona bayaliyeka bangabe besaqhubeka nokuphikisa.
Uthi indaba yaleli cala bazoyisebenza baze bafike enkantolo enkulukazi ezweni.
“Owatshontsha ivoti lethu uzoliphalaza impela, sibabambe oqotsheni futhi asidlali thini, asinawo amanga, asikwenzi okubi.”
“Ukuphuma kwesinqumo esithi siyaliwina leli cala, siyothatha okungokwethu, kufanele siphume sithathe amatomu sihole izwe lakithi.”
[LIVE NOW 🔴] MK Party leader Jacob Zuma is addressing supporters in Vosloorus, Ekurhuleni. This ahead of the party's first anniversary on 16 December. Tune in to #eNCA #DStv403 #QuestionThinkAct pic.twitter.com/p7NvLxlPfy
— eNCA (@eNCA) November 30, 2024