UMNDENI webhungu elalingumfundi ka-matric elasocongwa ngezibhelu zasePhoenix, ngoJulayi usukhethe ukuduba ukuya enkantolo lapho kulalelwa khona isicelo sebheyili sabasolwa.
Ukhala ngokudonsa undendende kwalesi sicelo sebheyili osekuthathe izinyanga ezimbili, okudla imali ugqigqa enkantolo futhi kuwuvusela amanxeba aseqala ukuphola.
UMnuz Learnmore Siwela onguyise kamufi, uMondli Majola (19) owayehlala eZwelisha, uthi ukhethe ukuya emsebenzini kunokuyolalela into engapheli eNkantolo yeMantshi eVerulam.
Lo mndeni awuyanga eNkantolo yeMantshi yaseVerulam ngoLwesine nangoLwesihlanu ngesikhathi kuvela abasolwa abathathu. Isinqumo ngebheyili sizokhishwa ngo-Okthoba 20.
Abasolwa okuyizelamani zakwaGovender, uDylan noNed nelungu lomphakathi, uMnuz Jeetendra Jaikissoon, babekwa icala lokubulala uMajola ePalmview, ePhoenix, ngoJulayi 12.
Isidumbu sakhe satholwa wumndeni emakhazeni ngoJulayi 16, wasengcwatshwa ngoJulayi 24 eFlagstaff, e-Eastern Cape.
Kusasa kulindeleke ukuthi simbiwe isidumbu sikaMajola khona sizohlolwa bese kuqinisekiswa ukuthi wabulawa ngokugwazwa noma ngokudutshulwa.
“Sifuna ubulungiswa obuphelele ngesihluku esenzeka esasigqugquzelwa wubandlululo. Kubuhlungu esikubona kwenzeka manje ngokudonsa kwecala okusivusela amanxeba kodwa akukho esingakwenza sithembe uphenyo lwabaseshi,” kusho uSiwela.
Lo mndeni uthi walahlekelwa yindodana yawo kodwa manje impilo kumele iqhubeke. Ugcizelele ukuthi wabulawa ngokudutshulwa uMondli owayefunda esikoleni eWoodview Secondary, ePhoenix.
UMondli nabangani bakhe abane kuthiwa bathelekelwa yiqulu labomdabu baseNdiya ababehlomile besemgwaqweni ayehamba kuwona eya noma ebuya esikoleni.
I-video eyaqoshwa ngamakhamera omuzi oseduze komgwaqo okwenzeka khona isigameko, iveza ukusuka nokuhlala, indlela enesihluku kwadutshulwa uMondli ebusweni okuthiwa kwenziwa uDylan.
Abanye batitinywa kanzima, oyedwa waphulukundlela wadla phansi. USiwela uthi uMondli wasuka endlini ehlezi nomndeni wathi uyabuya kanti uzowelela ePhoenix njengenhlala yenza, ezihambela engahlome ngalutho kanti sekuwukumgcina kwakhe ephila.
Into ebangwayo enkantolo manje ukuthi uMbuso uthi umufi washona ngokudutshulwa kodwa ummeli wezelamani zakaGovender, uMnuz Carl va der Merwe, uthi wagwazwa.
Umndeni uthi ngenkathi wenza izinto zamasiko ngesikhathi ungcwaba uMondli, wabona amanxeba okudutshulwa. Usola ukuthi umbiko kadokotela owayehlola isidumbu ugejile uma uthi uMondli wagwazwa ekubeni i-video iveza edutshulwa, nabo bawabona amanxeba okudutshulwa.