UCWANINGO lwakamuva olwenziwe yinhlangano esabalalisa imithi iRight ePhamarcy, luveza ukuthi kunabantu abangayiphuzi imishanguzo yabo yokuthithibalisa iHIV eNingizimu Afrika yize uhulumeni eyikhipha mahhala.
UNkk Belinda Strydom obhekelele izinhlelo zokusabalalisa imithi eRight ePhamarcy, uveze ukuthi abaphila neHIV bayasaba ukuphumela obala ngesifo sabo emndenini nakubantu abathandana nabo.
“Sithole ukuthi abantu bayaqhubeka nokucwasa abaphila neHIV, lokhu kwenza kube nzima ukuthi ophila nayo aphumele obala. Kuba nzima ukuthi adle imishanguzo yakhe ngokukhululeka ngoba usuke esaba ukuthi umndeni wakhe uzomehlulela. Abanye abaphumeli obala nakubantu abathandana nabo. Basitshela ukuthi abayiphuzi imishanguzo yabo (ARVs) ngoba ibanga umsindo egobhozini lawo futhi ibadonsela amehlo abantu,” kusho uNkk Strydom.
Inkolo namasiko nakho kubalulwe njengezizathu ezenza abantu bangaphuzi imishanguzo yabo.
Kuvele ukuthi kunabaphila neHIV abangayiphuzi imishanguzo abayithola emtholampilo ngoba bephuza amakhambi esintu.
“Abakhulume nathi kulolu cwaningo bathe bahamba abelaphi bendabuko ababanika amakhambi esintu nezimbiza eziphuzwayo. Abanye bayagcatshwa bagcotshwe ngemithi okuthiwa izobelapha. Amakholwa nawo sithola ukuthi ayayeka ukuphuza imishanguzo yeHIV ngoba kuthiwa awakhuleke ukuze alapheke,” kusho uNkk Strydom.
Ukhumbuze abantu ukuthi alukho ucwaningo oluveza ukuthi amakhambi esintu ayayilapha iHIV noma umkhuleko uyayiqeda iHIV ngakho kufanele badle imishanguzo yabo. Abanye abantu uthe abayiphuzi imishanguzo uma beye emakhaya.
Ucwaningo luveza ukuthi uma abantu begodukile bahlala isikhathi eside baze baphelelwe yimishanguzo, bagcine bengasayiphuzi.
“Abantu uma besuka emadolobheni sebeya emakhaya abayiphathi imishanguzo eyanele, abayi futhi nasemitholampilo eseduze nabo. Abanye bazibona ukuthi sebephilile emuva kokuphuza imishanguzo isikhathi eside. Ababe besazihlupha ngokuyiphuza njalo. Kuyingozi lokhu ngoba kufanele iphuzwe zonke izinsuku imishanguzo ukuze iHIV ingalitholi ithuba lokugulisa ophila nayo,” kusho uNkk Strydom.
Uphethe ngokuthi iCovid-19 nayo ikuphazamisile ukuphuzwa kwemishanguzo ikakhulukazi ngesikhathi sokuvalwa kwezwe.
“Ngesikhathi kuvalwe izwe abantu bebesaba ukuya emtholampilo, benqena ukubuzwa inqwaba yemibuzo ngamaphoyisa namasosha ngakho bebehlala emakhaya noma sebephelelwe imishanguzo,” kusho uNkk Strydom. Ucele uhulumeni nazo zonke izinhlaka ezisebenza emkhakheni weHIV/AIDS ukuthi ziqonde kabanzi isimo sabaphila neHIV ukuze bahlale bephuza imishanguzo yabo nsuku zonke.