Izindaba

Kuvele ukuthi wayephume ngoshwele ‘owabulala’ izingane ezine

African News Agency|Published

Isithombe esigciniwe Isithombe esigciniwe

UMSOLWA ecaleni lokubulala izingane zakhe ezine, wayekade ephume ngoshwele kwelinye icala lokubulala ingane kamakhelwane. USenyatse Lucas Phasha owayengummeli, usolwa ngokubulala izingane zakhe ngokuzishayela isipikili emakhanda. Lokhu wakwenza kulandela ukuba esole unkosikazi wakhe ukuthi uyajola. UBrigadier Motlafela Mojapelo, uthe eminyakeni edlule, lo msolwa wayejaha intombi yakhe ngesibhamu, eyisola ngokujola wabe eseyidubula. Inhlamvu kuthiwa yaphaphalaza, yangayidubula intombi, kwadubuleka ingane yakamakhelwane. Yagcina ngokushona esibhedlela.

“Wadubula ezama ukudubula intombi, kwadubuleka ingane engenacala. Waboshwa, wagwetshwa ngecala lokubulala. Ngaleso sikhathi wayengummeli. Igama lakhe lacishwa ohlwini lwabameli ngenxa yokugwetshwa kwakhe. Wabe esededelwa ngoshwele ejele njengoba esesolwa ngokubulala izingane zakhe ezine, nakhona ubesola unkosikazi wakhe ukuthi akathembekile. Enye yezingane uze wathi akuyona eyakhe,” kusho uMojafela.

Ngaphambi kokuba lezi zingane zibulawe, uPhasha wayebhala kwiFacebook esola unkosikazi wakhe ngokumjolela, wathi wamthelela ngegciwane ingculazi. Wabe esesho ukuthi izingane zakhe uKatlego (9), Joyce (7) Tshepo (5) no- Adel (3) ngeke aphinde azibone.

“Ungidinile kabi nje lona (esho unkosikazi), nabangani bakhe nathandana nabo. Ngeke esasibona futhi kumele abulawe yigciwane lengculazi. Unkosikazi wami ungizwise ubuhlungu,” kubhala uPhasha kwiFacebook.

Waphinde wafaka nesithombe sikankosikazi wakhe emgagula ukuthi unegciwane, ethi uhamba elala. Icala lizobuyela maduze enkantolo. Umsolwa usagcinwe esitokisini.