Khetha Sangweni
SEKUVELE igama lesishoshovu se#FeesMustFall uMnuz Lindokuhle Xulu (30), njengomunye wabagaqele isikhundla sikamengameli we-ANCYL, njengoba kulungiselelwa ingqunguthela yokukhetha ubuholi balolu phiko.
Isolezwe lihoshe izindaba ezithi kunomkhankaso kaXulu osuqanjwe ngokuthi yiLX21, okusho igama lakhe, isibongo nonyaka ozayo. Kuthiwa kuzohlala ngawo kwingqungquthela ebhekwe ngabomvu.
Uma imibiko iyiqiniso kuyobe kuchaza ukuthi uXulu angase atholane phezulu nokhulumela uphiko lwesikhashana lwe-ANCYL uNksz Sizophila Mkhize, okuthiwa naye uphakanyiselwe kulesi sikhundla.
Abakhininda ezikaKhongolose bathi uXulu obefunda eNyuvesi yaseJohannesburg (UJ) enza izifundo zezepolitiki, ufike ngamandla futhi usethole okukhulu ukwesekwa. Leli phephandaba liphenye lathola ukuthi uXulu ozalelwe eVumankala eNquthu, wakhulela eVryheid, wafunda nasoLundi. Uphenyo luphinde luveza nokuthi uhlangothi lukayise luseMelmoth, Obuka, esigodini KwaBiyela lapho kuthiwa waqala khona ukushabasheka ne-ANCYL. Uke waba usihlalo wayo eNtambanana North Coast, esiFundeni iMusa Dladla eyayibizwa ngeNorth Coast. Kuthiwa abamanye amakhempu baqale baxoxisana naye ukuze kube nobumbano.
Umthombo uthi amalungu kade emshela uXulu ukuba angenele ukhetho kodwa ewachiliza, waze wabizwa yizingwevu kuKhongolose zamthethisa zimtshela ukuthi akasabele, uyabizwa.
“Angithi ubelokhu eziba enganakile ecabanga ukuthi bayancokola uma bethi intsha iyamthemba. Ngiyasola bakhona abamcebe kobaba abahloniphayo enhlanganweni, base bembiza bamthethisa. Usengenile emgqeni manje wenza konke ngenhliziyo emhlophe, phela amagatsha ayamfuna,’’ kusho umthombo osondelene nodaba nongathandanga ukudalulwa. Umthombo uthi kumanje kushunqa uthuli kuXulu wehla wenyuka nezifundazwe uqhuba umkhankaso wakhe, oshisa phansi futhi amagatsha amemukele kahle.
UXulu uthe akaqali ukukuzwa ukukhuluma kokuphakanyiswa kwakhe kodwa ubenganaki ngoba ubebona kukhulunywa ezinkundleni zokuxhumana.
“Ngikhulele kuyo i-ANC, inqubo ithi uma abantu benemibono mabaye emagatsheni bayokhuluma khona, hhayi ezinkundleni zokuxhumana. Ngiyilungu lenhlangano ngokukhulu ukuzithoba, ngiyoya noma kukuphi lapho amalungu e-ANCYL engifuna khona,’’ kuchaza uXulu.
Uthe zikhona izinto amalungu e-ANCYL angeneme ngazo njengokungalandelwa kwezinqumo zezingqungquthela, udaba lwenkululeko yezomnotho nokubuyiswa komhlaba nemfundo yamahhala.
Uthe konke lokhu bamtshela ngakho uma bemnxenxa. Okwamanje akukacaci ukuthi ingqungquthela yokukhetha ubuholi obusha be ANCYL izohlala nini.