KUYAMSHUBELA umfundisi webandla labasindisiwe, iTower of Faith Ministries International, uMphostoli Mxolisi ‘Striker’ Shange, njengoba ephinde wahluleka ukuthola ibheyili eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoLwesihlanu.
UStriker, obuye asakaze uhlelo lomculo wokholo esiteshini somphakathi saKwaMashu, iVibe 94.7 FM, ubevele phambi kweMantshi uBusisiwe Mkhulusi noMshushisi S’bongile Ngcobo kuleli sonto.
Wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngoNovemba 15 ngemuva kokuba kube namantombazane, akhonza ngaphansi kwebandla lakhe, aneminyaka ephakathi kuka-15 no-18, amvulela amacala emsola ngokuwadlwengula.
Ngokusho komphenyi wamacala enkantolo, uSergeant Nomathemba Khwela, uStriker ubegxile emantombazaneni angenabo oyise ahlala nonina noninakhulu.
“Ubewayenga ngemali, ewathembisa ukuthi uzoba ngubaba kuwo bese ewayisa endaweni eseNewlands West, iLeisure Palace B&B (okusolwa ukuthi yilapho ebewagila khona imikhuba).
Laba bantwana bebemazi njengobaba njengoba ebehola ibandla futhi bemhlonipha kakhulu.”
USergeant Khwela uthe kufanele uStriker anganikezwa ibheyili ngoba abamangali bayamsaba futhi nempilo yakhe isengcupheni njengoba kunamalungu omphakathi ongamfuni nalapho ehambe khona.
ABANTU abebebhikisha nag-handle kwenkantolo. Isithombe: Nqobile Mbonambi/ANA
“Abamangali bayamsaba uShange, baze benza izitatimende bethi ngeke bathande uma enikezwa ibheyili.
“Kunofakazi okhona kula macala osatshiswa ngokuthi uzobulawa.
“Sekuke kwafika nabalandeli basenkonzweni bethi kunina akakhuze ingane yakhe ngoba le nto izoyifaka engozini. Kunencwadi efungelwe, eyenziwe ufakazi osatshiswayo.
“Uyakuveza nokuthi sekunezinkabi ezithengelwe ukuba zimdubule.” Uthe nomphakathi udinwe kakhulu ngesenzo sikammangalelwa.
“Impilo yakhe ingaba sengcupheni uma engaphuma ngebheyili.
“Ufakazi walokho ukuthi netende lakhe alifunwa eRichmond Farm. Kwathi ngeSonto abalandeli babeka elinye itende kodwa umphakathi waliwisa.
Kuyacaca ukuthi uma engaphuma ngebheyili ngeke kube nokuthula ngoba kuneqeqebana elihambisana nommangalelwa nomphakathi ongahambisani nokwenziwa ngumfundisi.”
USergeant ubuye waveza ukuthi kunommangali ongasafuni ukwenza isitatimende ngemuva kokushaywa wathunjwa ngabazalwane besifazane abahambisana nomfundisi.
Eqhuba * -sergeant uthe kunobufakazi obuqoshiwe bomfundisi enxenxa abasondelene nabamangali ukuba basule icala.
Umfundisi ungene ebhokisini eswenke econsa ngesudi emnyama nehembe elimhlophe.
Uqale washaya umthandazo omncane ngaphambi kokugibela ebhokisini.
Ubebukeka edidekile kangangoba ubebuye ahluleke ukuphendula imibuzo ngendlela egculisayo, okuyinto eke yacasula umshushisi.
Leli cala lihlanganise namaqembu epolitiki ayizimbangi i-EFF, DA, SACP ne-IFP, ebebhikisha ngaphandle kwenkantolo efuna umfundisi anganikezwa ibheyili.
La malungu abebuye atholane ngezinhlamba nabalandeli bomfundisi ebebegqoke izikibha ezinekhanda lakhe.