BAVELE eNkantolo yeMantshi eVerulam, ngoMsombuluko abasolwa abangu-10 ababoshelwe amacala ehlukahlukene ngezibhelu zasePhoenix, eThekwini.
Icala labo belisingethwe esithe, kungavunyelwe muntu ukuba alithamele. Lokhu kubangelwe wukuthi abasolwa ima besazokhonjwa ngabamangali ngoLwesine.
Inkantolo ibe isilihlehlisela uLwesihlanu ngoJulayi 30 icala, khona ababoshiwe bezofaka isicelo sebheyili.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Kara, uthe ababoshiwe babhekene namacala okubulala, awokuzama ukubulala, elokutholakala nempahla eyebiwe nokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Abantu bebephume ngothi lwabo, kukhona abebeyokweseka abasolwa, kukhona nabebeyokweseka imindeni yabantu ababulawa nabalinyazwa.
Amasosha namaphoyisa abekanise ngaphandle kwenkantolo eqinise ezokuphepha njengoba bekukhona ukujikijelana ngamazwi kwalezi zinhlangothi ezimbili.
Abasolwa baboshwe emva kophenyo lwabaseshi mayelana nokubulawa kwabantu abevile ku-20 ePhoenix, ngesikhathi sezibhelu zokutatshwa kwezimpahla ezitolo.