IMALI kuthiwa yiyona ebe wumsusa wengxabano kwaze kwagcina sekufa ngesihluku amasosha amabili aKwaZulu-Natal, ophiko lweSouth African National Defense Force (SANDF) enkambini yamasosha, iMacadamia Military, eduze kweKomatipoort, esifundazweni iMpumalanga.
Lokhu kuvezwe umthombo weSolezwe, ocele ukungadalulwa.
Esigamekweni, kuthiwa kushone isosha elingelokuzalwa eMgungundlovu, okuvela ukuthi ligwazwe uzakwabo ephindelela.
Kuvela ukuthi umsolwa uphinde wagwaza walimaza omunye uzakwabo ongowokuzalwa KwaMashu, okuthiwa ubezama ukulamulela umufi obegwazwa. Kuthiwa sibi isimo kumgilwa osinde ngokulambisa.
Umsolwa kuthiwa ugcine ngokuyozikhiyela egumbini lakhe, lapho afike wazigwaza khona emqaleni ezinquma, okwenze wagcina ephangalala naye.
Umthombo uthe: “Umbulali waziwa njengomashonisa, yize lokhu kungavumelekile emasosheni kodwa ubezizamela eceleni. Uthe uma ebuya emsebenzini, wathola lona elele, wamgwaza waze washonela khona lapho.”
“Lo obezama ukulamula, wehlulekile njengoba naye evele wamgwaza, walimala kanzima,” kusho umthombo.
Uthe imbangela yesigameko igodliwe.
“Kufihlwa ihlazo, imbangela imayelana nemali,” usho kanje.
Uveze ukuthi simuncu isimo kulandela isigameko njengoba senzeke kungazelele.
“Umsolwa ubengumuntu okahle, ongenalo udlame,” kusho umthombo.
Kuvela ukuthi bonke abathintekayo esigamekweni bafike eMacademia ngonyaka odlule, besuka enkambini i-5 South African Infantry Battalion, eMnambithi.
Kule nkambi okwenzeke kuyo isigameko, kuthiwa kugcinwa amasosha asuke ezoyotshalwa emngceleni wakuleli neMozambique.
OweSANDF, othumele isitatimende abezindaba ngeSonto, uRear Admiral Prince Tshabalala, uthe bayasiqinisekisa isigameko esinyantisa igazi esenzeke enkambini iMacadamia Military.
“Ilungu leSANDF ebeselinikwe imvume yokuthi seliqedile ukusebenza, lihambe layohlasela uzakwabo endaweni ahlala kuyo,” kusho uTshabalala.
Uthe umgilwa kumenele endaweni yesigameko, kwathi umsolwa wafa kamuva njengoba naye ezikhiyele endlini, wazigwaza emqaleni.
Uthe beyiSANDF ngokubambisana namaphoyisa baqale uphenyo ngesigameko.
“Amagama abafi azogodlwa kuze kuba ukuthi imindeni yabo iyaziswa ngokufanele. Eminye imininingwane, izovezwa njengoba kuqhubeka uphenyo,” kusho uTshabalala, othe badlulisa okukhulu ukudabuka emindenini yabafi.