LIZOVELA
enkantolo
namhlanje iphoyisa eliboshelwe ukugwazisa
umshayeli uR7 000 ukuze lidedele
imoto yakhe.
Leli phoyisa (30) okuthiwa libanjwe wozakwabo
abalunywe indlebe
ngabantu abangahambisani nobugebengu, ababike ukuthi ngoMsombuluko lathatha imoto yomshayeli owayeshayisile enkabeni
yeTheku.
Kuthiwa lathi
ngeke limvulele icala kodwa lizothatha
imoto yakhe lo mshayeli bese
yena elikhokhela
uR7 000 owukheshi ukuze limbuyisele yona.
Amaphoyisa atholile ngalolu daba abe esehamba eyobopha leli phoyisa ebelilindele imali.
Alifice linamaselula amabili nemali ebelikade lisanda kuyamukela.
Liboshwe ngozakwabo baseDurban Central. Lizovela namhlanje eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Kuvele ukuthi leli phoyisa belisebenza esiteshini samaphoyisa esiseDurban North.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba yihhovisi likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, kunconywe umphakathi ngokubika
izigameko zenkohlakalo ukuze kujeziswe izephulamthetho.
Kuxwayiswe amaphoyisa akhohlakele ukuthi umbutho wamaphoyisa
awuyona indawo yokucashisa
abantu
abathanda
ukugwazisa.