IVALIWE imgwaqo ethintekayo enkabeni yedolobha eGoli kulandela ukushiswa kwamatekisi amane, amanye ashaywa aphihlizwa namawindi.
Amatekisi ashiswe emgwaqeni uVon Weillig noCommissioner Street, ngaseCarlton Centre ngoMgqibelo ekuseni. Ngesikhathi Isolezwe lithinta uSihlalo weSouth African National Taxi Council (Santaco) eGauteng, uMnuz Johannes Buti Mkhonza, uthe naye usanda kwaziswa ngodlame oluqubikile wathi uyasola yimpi ephakathi kososeshini.
“Ngikhuluma nawe nje sisaphenya ukuthi yini imbangela yalento kodwa siyasola yimpi ephakathi kososeshini,” usho kanje.
Okhulumela iJohannesburg Metro Police Department (JMPD) USuperintendent Wayne Minnaar ukuqinisekisile kwabezindaba ukuthi uCommissioner Street usuvaliwe.
Izithombe ezinkundleni zokuxhumana: