KUVALWE izitolo ezingu-12 edolobheni iRichmond, esifundeni uMgungundlovu, ezitholakale zidayisa impahla esidlulelwe yisikhathi.
Lezi zitolo zivalwe emva kokugasela kungazelele muntu kwezikhulu zikamasipala, amaphoyisa nezinye izinhlaka, ezitolo ezikuleli dolobha.
Ngalo mkhankaso bekuhloswe ukubheka ukuthi ngabe isalandelwa yini imithetho ebekelwe ukulwa nokusabalala kobhubhane iCorona.
Okhulumela umasipala, uMnuz Sibonelo Bhengu, uthe banqume ukugasela ezitolo emva kokuqaphela ukuthi ezinye zazo sezinomkhuba wokudayisa ukudla osekudlulelwe yisikhathi njengoba kwehlile ukuthengwa kokudla ngenxa yomthelela ongemuhle wokubheduka kweCovid-19 okukhinyabeze ezomnotho.
“Sithole izitolo ezingu-12 esigcine sizivala ngoba bezinokudla okuningi okubolile. Sizivalile ukuze bakwazi ukuzihlanza ngaphakathi, bese bekhipha yonke impahla ebolile. Kusidumazile ukuthola ukuthi kunezitolo eziningi kangaka eRichmond ezenza umkhuba omubi kangaka.”
UBhengu uthe lezi zitolo zizovulwa uma umasipala usugculisekile ukuthi seziphephile ukuthi zingabuye zidayisele abantu ukudla.
Uthe basazoqhubeka nomkhankaso wokugasela ezitolo, bazobheka nokuthi izihlanzimagciwane ezisetshenziswa ezitolo ngabe ziphephile yini.
“Sifuna ukubheka ukuthi ngabe zinezinga lotshwala elivumelekile yini. Sesizwile ukuthi kukhona asebezenzela izihlanzimagciwane. Lezi zihlanzimagciwane zabo kazilungile, zigcina zilimaza umphakathi,” kusho uBhengu.