ISIKHUNGO sezemfundo ephakeme iDurban University sesithathe isinqumo sokuvala izikhungo zayo ezinhlanu eThekwini kulandela ukugcwala ngokweqile kwabafundi abafuna ukuzobhalisa ngenkani kuzo.
Laba bafundi balandele imibhalo esabalale ezinkundleni okubalwa kuzo noFacebook engelona iqiniso mayelana nokubhalisa kule nyuvesi. Lo mbhalo ubuthi abafundi abangakabhalisi bayanxenwa ukuthi bazobhalisa nokuyinto lesi sikhungo ethi ayilona iqiniso. Inyuvesi izwakalise ukukhathazeka ngokusabalala kweCovid-19 njengoba kutheleke inqwaba yezitshudeni.
Okhulumela inyuvesi uMnuz Alan Khan uthe ngenxa yokulandela imigomo yokuphepha kwabafundi nemiyalelo yezempilo baqoke ukuthi bathi ukuzivala izikhungo zabo eThekwini. Abanye abafundi izolo balale kulesi sikhungo ngenhloso yokuthola izikhala kuqala. "Ebusuku inqwaba abantu abaningi bebegcwele eSport Centre banqaba nokuhamba. Ekuseni isimo siye ngokushuba sekukhona nababhikisha ngaphandle kwase Steve Biko bejikijela namatshe belimaza amabhilidi esikhungo, bavala umgwaqo besabiza nangokuhlasela namanye amabhilidi," kusho uKhan.
Inyuvesi ize yaphoqeleka ukuthi ithinte ezokuphepha ukuzongenelela njengoba isimo besiya ngokushuba. Yize kunjalo kodwa izinhlelo zokufunda nokufundisa online ziyaqhubeka.