AVALIWE amanye amabhishi eThekwini ngenxa kadoti omningi onendle ongene olwandle ngenxa yemvula enamandla ewugugule emijondolo wagcina ungene olwandle.
UMnuz Msawakhe Mayisela okhulumela uMasipala weTheku, uthe bathole ukuthi amanzi asolwandle anezinga eliphezulu legciwane i-Ecoli elingene emanzini asolwandle ngenxa yokuthi kulinyazwa izitamukoko bese indle igugulwa ngamanzi iyongena olwandle.
Amabhishi avaliwe uthe iSouth Beach, iNorth Beach, iBay of Plenty Beach, iSun Coast Beach, iCountry Club Beach namabhishi aziwa ngoMngeni Beaches.
"Isinqumo sokuthi avalwe amabhishi sithathwe emuva kokuthi kubonakale ukuthi izinga legciwane liphezulu. Isizathu sokuthi lenyuke kudalwe ukulinyazwa kwamapayipi endle nokuthi sibe nemvula enkulu engaphezulu kwejwayelekile egugula udoti wehle ngemifula echithela emfuleni uMngeni. Wonke lowo doti ugcine usungena olwandle. Umphakathi sizowazisa uma konke sekubuyele esimeni," kusho yena.