Mbali Khanyile
IZIKHULU zoMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal ziphoqeleke ukuthi zivale amahhovisi aKwaDambuza, eMgungundlovu, ngenxa yokudunwa kwezimoto zomnyango ezisetshenziswa ngabasebenzi.
NgoMsombuluko kuthiwa kudutshulwe usonhlalakahle walimala kanzima ngesikhathi edunwa imoto yomsebenzi emgwaqweni * -Edendale.
Kuthiwa ngoLwesibili kuphinde kwadunwa enye imoto ebihamba umsebenzi wesifazane.
UNgqongqoshe womnyango, uNkk Nonhlanhla Khoza, uthe ziningi izehlakalo zokulimala kwabasebenzi kudunwa izimoto zomnyango.
“Lobu bugebengu busisebenzisa kanzima. Kasikwazi ukuqhubeka nokubeka impilo yabasebenzi bethu engcupheni.
“Ukubanjwa kwabo kusibuyisela emuva ngoba akube kusaba lula ukuthi sihambise izidingo emphakathini.”
Unxuse amalungu omphakathi angase abe nolwazi ngezimoto ezidunwayo ukuthi abike.
Kuthiwa zingaphezu kuka-50 izimoto eseziduniwe umkhondo wazo ongakaze utholakale kusukela ngo-2017 kuze kube yimanje.
Ezigcina zitholakele zisuke sezicwiyiwe.
Uthe usekhulume nozakwabo, uMnuz Bheki Ntuli, ophethe uMnyango wezokuThutha nokuPhepha komphakathi mayelana nokudunwa kwezimoto.