Lizovulwa kuze kube yinyanga ezayo ithuba lababhale izivivinyo zika-matric nyakenye kepha abangagculisekile ngemiphumela ezifundweni ezithile futhi abakubona kunesidingo sokumakelwa kabusha nokubuyekezwa kwamamaki abawatholile.
Ngokolwazi olushicelelwe kwi-website yoMnyango weMfundo eyisiSekelo, kuzovalwa ngoFebhuwari 2, ukufakwa kwezicelo zokumakelwa kabusha. Umfundi ongagculisekile kuthiwa kumele asifake esikoleni abebhalela kuso isicelo noma emahhovisi omnyango ezingeni lesifunda. Izicelo zingathunyelwa ngokohlelo lwezobuchwepheshe kanti ulwazi lutholakala kwi-website yomnyango ethi: www.education.gov.za
Kuthiwa ukumakelwa kabusha kubiza uR120 ngesifundo ngasinye kanti ukubuyekezwa kabusha kwamamaki kuwuR129.
Izicelo zokubuyekezwa kwamamaki ezifundweni zizokwenziwa uma sekuphothulwe izinhlelo zokumakelwa kabusha nokubhekisiswa kwamamaki futhi isikhishiwe imiphumela yokwenze njalo kanti kubiza uR234. Ukufakwa kwezicelo zokuthi kubuyekezwe amaphepha abebhalwa, kuvalwa ngemva kwezinsuku eziyisikhombisa kuphume imiphumela yokumakelwa kabusha. Kulindeleke ukuthi imiphumela ikhishwe ngoMashi 15, nonyaka kanti izotholakala ezikoleni noma ezikhungweni lapho abafundi abebebhalela khona izivivinyo zika-matric.
Uhlelo lokubhala kabusha izifundo kulabo abafisa ukuphucula imiphumela yabo olwaziwa nge-supplementary examination selizoba ngoMeyi/Juni kuphela kanti usuku lokugcina lokufaka izicelo zokubhala kabusha uFebhuwari, 8 nonyaka.
Ngobani abangakwazi ukufaka izicelo ngaphansi kohlelo:
-Abanesifiso sokubhalisa izifundo abangenzanga kahle kuzo ngesikhathi kunezivivinyo zika-matric ngoNovemba nyakenye.
-Abangakwazanga ukubhala izifundo ezithile ngesikhathi kuqhubeka ukubhalwa kwezivivinyo zanyakenye ngenxa yezizathu ezibambekayo, okubalwa kuzo ukugula, ukuphazanyiswa ukushona kwelungu lomndeni elisondelene naye, noma esinye nje isizathu esiqinile.
- Yinoma yimuphi umuntu obhale izivivinyo zika-matric kusuka ngoNovemba 2008 kuze kube nyakenye, onesifiso sokuphucula imiphumela yakhe noma umphumela esifundweni esithile, naye angabhalisela ukubhala kwalokhu kuhlolwa.
-Umfundi osabanjelwe imiphumela yakhe ngenxa yokuthi kwaba nezingqinamba ezithile ngesikhathi kubhalwa iphepha, naye uyakwazi ukufaka isicelo sokubhala kabusha leso sifundo ngesikhathi kusalindwe imiphumela yophenyo.
- Ongakwazanga ukuqeda ukubhala iphepha ngenxa yokugula, ukulimala noma ukushona kwelungu lomndeni.
Imibuzo mayelana nokudedelwa kwemiphumela kumele ithunyelwe emnyangweni zingakapheli izinsuku ezingu-30, ngemva kokudedelwa kwayo.
Abebebhala izivivinyo nyakenye, kumele baqinisekise ukuthi imininingwane yabo okungaba yizinombolo zikamazisi noma amagama abo, abhalwe ngendlela efanele, uma kukhona amaphutha, kuthiwa kumele babikele umnyango ngaphambi kuka-Agasti 30, 2024.