Izindaba

Kuvaleliswe umfundisi waseWeseli nomkakhe

Nkosikhona Cele|Published

UMFUNDISI Sangweni nomkakhe benzelwe inkonzo yokuvalelisa

INJABULO nenhlokomo ngesikhathi kunendumezulu yenkonzo yabaholi bebandla lamaWeseli ngaphansi kwesifunda iNatal Coastal District 700.

UMfundisi Sibusiso Sangweni, nomkakhe uNkk Zodwa Sangweni (uMaZulu) sebethatha umhlalaphansi. Kudalulwe ukuthi uSangweni, waqala ukulandela ubizo lobufundisi kusukela ngo-1980. Wabe esegcotshelwa kwesobufundisi ngo-1985.

Inkonzo yokubavalelisa ibisingethwe yiPinetown Methodist Church, entshonalanga yeTheku. Ibizinyaziswe yizihambeli ezivela emikhakheni ehlukene KwaZulu Natal.

Bobabili batuswe ngokuzikhandla ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ibandla liba nenqubekela phambili.

Okhulumela ibandla lamaWeseli, uNkk Lugayeni ubachome uphaphe lwegwalagwala uSangweni nomkakhe, ngendlela abasebenze ngayo kulesi sifunda. Uthe bancele kogwansile futhi bafunda okuningi okuhle kubona bobabili mayelana nendlela efanele yokwenza izinto.

Ekhuluma ebhekise ngqo kubona bobabili uthe: "Nobabili benihlale njalo nizimisele ngokwenza ngokuzimisela umsebenzi weNkosi. Siyanibonga kakhulu ngalokho. Sengathi uNkulunkulu angaqhubeka abe kanye nani.''

Zonke izikhulumi zibethulele isigqoko ngendlela abakhombise ngayo ukuzimisela kuleli Sekethe. Bancome kakhulu unkosikazi kaSangweni ngokweseka umyeni wakhe ngaso sonke isikhathi.

Bajutshwa ukuba babheke isekethe yasePinetown engaphansi kwalesi siFunda.

USangweni ubonge kubona bonke ebesebenzisana nabo kuleli bandla. Wathi bekumnandi kakhulu ukusebenzisana obekukhona phakathi kwakhe namalungu ebandla.

Ubonge kakhulu umkakhe ngokumeseka ngaso sonke isikhathi : "Ngithanda kakhulu ukubonga amalungu ebandla. Ngibonga kakhulu nakumkami obe nami sonke lesi sikhathi.''