Simphiwe Ngubane
UMASIPALA weTheku emkhakheni wamaphoyisa utuse abesifazane abasembuthweni wamaphoyisa abebezibambele mathupha esivimbamgwaqweni ebesingaphandle kwenkundla iMoses Mabhida izolo.
Okhulumela amaphoyisa eTheku, uSenior Superintendent Parboo Sewpersad, uthe isivimbamgwaqo besisemgwaqweni uMasabalalwa Yengwa kusebenza abesifazane bodwa. Uthe minyaka yonke benza okufanayo.
“Sibabonga ngothando nokuzinikela kwabo emsebenzini omuhle abawenzayo kulo mkhakha othathwa ngokuthi ngowabesilisa ngoba kugcwele bona. Iningi lamaphoyisa esifazane selineminyaka liyibambile embuthweni lenza umsebenzi oncomekayo,” kusho uSewpersad.
La maphoyisa aqede ukwenza umsebenzi wesivimbamgwaqo adlulela olwandle eBeach Front eyozijuxuza.
Abedansa umdanso osematheni emhlabeni kulezi zinsuku ohambisana nengoma iJerusalema yeciko lakuleli uMaster KG.