Ukuzikhotha amanxeba kothisha, bavuke bazithintithe emva kokubhacaza yikhona okusize isikole Isibhakabhaka High, eNkandla, sibalwe nezinye ezenze kahle ngesikhathi kukhishwa imiphumela ka-matric yanyakenye.
Lesi sikole siqengqeleze ngo-83.3% okubuyise ithemba kwabaningi kubalwa nesihlabani somculi kamasikandi, uKhuzani Mpungose, okuthiwa wafunda kuso.
Ukushaya udaka kwaso ngo-2022 sithola u 50%, siphenduke inhlekisa ezinkundleni zokuxhumana, abanye bengcofa ngaso lo mculi, njengoba kwakuphase abafundi abane abathola o-higher certificate kwabayisishiyagalombili ababebhale kulowo nyaka.
Obambe njengeDepartmental Head kusona, uMnuz Thulisani Ntuli, engxoxweni neSolezwe, uthe kuningi abakwenzile ukulungisa isimo nokuqinisekisa ukuthi babuyisa ithemba emphakathini osakhele.
"Kulokhu besinabafundi abangu-18, kwaphasa abangu-15 kanti bathathu kuphela abangaphumelelanga futhi nabo esisavule izandla ukuthi sibamukele ukuze balungise lapho bengenzanga kahle khona. Kubafundi abaphasile, bahlanu abathole i-bachelor, babe bane abathole i-diploma kanti abahlanu abathole o-higher certificate," uchaze kanje.
Uthe kuleli sonto bahlanganile nabaphase ngo-higher certificate kwavunyelwana ngokuthi bazobuyela esikoleni ukuze baphinde bezame ukuphucula imiphumela yabo. Bangu-13 o-distinctions abatholwe ngabafundi kulesi sikole, okuyinto uNtuli athe ibagqugquzela kakhulu.
Echaza ngokubaphule ehlazweni, uthe ukuhlala phansi kothisha kubhekwe amaphutha aphambili nendlela engasetshenziswa ukuya phambili, ukufundisa emva kwesikhathi sesikole nangamaholidi ngezinye zezinto ezibasize kakhulu.
Uveze ukuthi mkhulu umsebenzi owenziwe nguKhuzani ukubagqqugquzela kanti noMnyango wezeMfundo esifundazweni ungenelele ngokushesha njengoba kulo nyaka ulethe uthishomkhulu omusha emva kokuthi owaphambilini athatha umhlalaphansi emva kwemiphumela yango-2022.
Uthe umnyango usuqoke nozongena esikhundleni se-Departmental Head ngokugcwele, ebesibanjwe nguyena abanethemba lokuthi kuzobuyisela isikole esimeni sakudala esasaziwa ngaso.
Yize lesi sikole senze kahle, uNtuli uthe ziningi izinselelo ababhekene nazo njengesikole esisemakhaya.
"Umkhuba wokuganisa izingane zesikole ezindaweni esisemakhaya uyasilimaza kakhulu. Ithi ingane isafunda u-matric, uyezwa kuthiwa bekufike abakhongi bezoyilobola, okuba nomthelela omubi ngoba kuthi kumele kufundwe ngesikhathi ezengeziwe uthole ukuthi ayisakwazi ngoba abasemzini wayo abayizwa kahle eyokuthi ibuye esikoleni kuhwalala," kusho uNtuli.
Uthe okunye okuyinselelo ukuhamba amabanga amade kwabafundi uma beya esikoleni njengoba kukhona abahamba amakhilomitha ayisishiyagalombili wonke bafike esikoleni sebekhathele. Uthe yize imizi ingeminingi, okunomphumela wokuthi izingane zibe ncane ezifunda kusona, kodwa banethemba lokuthi uma beqhubeka nokwenza kahle abazali bazokwazi ukuthumela izingane zabo ezivela ezindaweni ezikude ukuzofunda kuso njengezinye izikole ezikhona eNkandla ezenza kahle abalule kuzo iBizimali neVelangaye High ezihleze zinyinyitheka abafundi abaqhamuka ezingxenyeni ezehlukene zesifundazwe nangaphandle kwaso. Uqinisekise ukuthi namanje basabamukela abafundi abafisa ukuzobhalisa kuso.
UKhuzani ekhasini lakhe ku-Facebook uhalalisele othisha nabafundi ngokwenza kahle, wancoma uMphathiswa woMnyango, uNkk Mbali Frazer, ngokusukumela phezulu ukusiza lesi sikole.