ABAFUNDI bezikole ezehlukene eThekwini bethamele i-Youth Employability and Career Expo e-ICC, eThekwini izolo
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE
UKUNGALANDELI imikhakha abakhule bazi futhi betshelwa ukuthi iyona enemisebenzi eminingi, nobumqoka bokuzihlupha ngolwazi lwemikhakha edingeka kakhulu esikhathini samanje, yiwona mphako onikwe abafundi baka-matric bezikole ezehlukene ukuthi bayilandele ukuzibeka emathubeni okuchuma uma sebeqede ukufunda.
Lokho kwenzeke kwiYouth Employability Indaba & Career Expo, ebihlelwe wuMasipala weTheku, esikhuza ibuya ihlandla lesihlanu kulo nyaka, ebiseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini.
Lo mbuthano usongwa namhlanje kanti uhlanganisa izikole zaseThekwini ezevile ku-50.
Esinye sezikhulumi zosuku eziqavile uMnuz Sandile Mahlaba, wenkampani yezobuchwepheshe iMicrosoft South Africa, sithe ukugxila kwezobuchwepheshe besimanje nokunaka imikhakha edingeka kakhulu manje wukuphela kwento abona ingasiza abafundi ukuthi bagweme indlala yamathuba omsebenzi, futhi bakwazi ukuzimela uma sebefundile.
“Lokhu sikusho ngoba sikuqonda ukuthi sesiphelile isikhathi sokunqwabelana emikhakheni esikhule sazi ukuthi ingebalulekile okungaba eyobumeli, ubudokotela, ubuthishela neminye eyamene nale mikhakha. Besazi ukuthi iyona enamathuba amaningi omsebenzi. Nokho akusenjalo manje ngoba isikhathi sesishintshile, kangangokuthi imikhakha yemfundo ebidingeka kakhulu kudala, ayisadingeki kangakho kulesi sikhathi esiphila kusona manje."
BEKUGCWELE phama kanje kwi-Youth Employability and Career Expo e-ICC, eThekwini izolo
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE
Uthe:“Okunye okumqoka esifisa ukuthi abafundi bakwazi wukuthi ziningi ezinye izindlela abangazisebenzisa ukuzithuthukisa ngolwazi lwemikhakha eyahlukene yobuchwepheshe besimanje, okungasadingi ukuthi uye esikoleni kuphela ukuze uthole ulwazi lwakho, umuntu angakwazi ukusebenzisa omakhalekhukhwini noma amakhompyutha esekhaya ukuthola ulwazi lwamakhono ayinyama manje.”
"Ukusukuma manje kukhuthazwe izingane ukukhetha imikhakha efanele, kungasiza ngokuyiqeda nya inkinga yokwanda kwentsha efunde yagogoda kepha iswele imisebenzi ngoba ingaqasheki noma kungasaqashwa emikhakheni eyifundele. Nokuthi uma sikwenze kahle lokhu kokufaka ezobuchwepheshe besimanje ezinganeni zethu, kungasiza ukuqeda lo mkhuba esihlale sikhala ngawo wokuthi kudingeke abantu bakwamanye amazwe bazokwenza izinto esihlulwa wukuzenza ezweni lethu,” kuqhuba yena
Obemele iMeya yoMkhandlu weTheku uMnuz Ntando Khuzwayo, uthe banethemba lokuthi lo mcimbi uzoqhubeka uthele izithelo ezibonakalayo, ezizophumelelisa umbono wabo wokuthi ngo-2030, ingxenye eningi yentsha yaseThekwini namaphetehlo ibe isikwazi ukungena igxile emikhakheni ezoletha ushintsho futhi ithuthukise nomphakathi.
Omunye wabafundi baka-matric abebekhona kulo mbuthano, uNtokozo Cele (19) waseKloof, ofunda e-The Kenmont School, eBluff, uthe bajabule kakhulu bengabafundi ngaleli thuba abalitholile.
Uthe ukholwa wukuthi limsize kakhulu yena nozakwabo ukuqonda kabanzi ngemikhakha abebengayinakile abasengakwazi ukuyilandela uma beqeda ukufunda.
Related Topics: