NONTUTHUKO NGUBANE
KUSOLWA umbango wezidakamizwa ngokubulawa kwabantu abathathu eKenville, eThekwini, ngoLwesibili ebusuku.
Abesilisa ababili nowesifazane oyedwa badutshulwe bezihlalele endlini.
Isolezwe lithole ukuthi ngabo-8 ebusuku laba abaneminyaka ephakathi kuka-29 no-32 bangenelwe umsolwa oyedwa ongaziwa, wafika wavulela ngenhlamvu.
Umthombo weSolezwe osondelene nalolu daba kodwa ongathandanga ukudalulwa, uveze ukuthi kunezinsolo zokuthi bekubangwa udaba lokudayiswa kwezidakamizwa.
“Okuvelile ukuthi kunombango wokudayiswa kwezidakamizwa kule ndawo nokusolwa ukuthi yikhona okube imbangela yokubulawa kwalaba bantu abathathu,” kusho umthombo ocele ukungadalulwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa ase-Greenwood Park aphenya amacala amathathu okubulala.
“Amaphoyisa athungatha abasolwa ecaleni lokubulawa kwabantu abathathu, abesilisa ababili noyedwa wesifazane. Imbangela yokubulawa kwabo ayikaziwa, okuvelile ukuthi kufike umsolwa oyedwa wangena endlini abebehlezi kuyona, wabadubula. Akekho oseboshiwe, uphenyo lusaqhubeka,” kusho uCap. Gwala.
Amaphoyisa anxuse ongaba nolwazi ngalesi sigameko ukuba babike esiteshini esiseduze.
Imizamo yeSolezwe yokuthola imindeni yabashonile ayizange iphumelele izolo njengoba izinombolo zemindeni zingazange zitholakale kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.