USIZI belubhalwe ebusweni kumalungu omndeni kaNksz Lindi Luthuli; okuyindodana yakhe uMnuz Philani Luthuli, uMnuz Mthokozisi Luthuli newele likaNksz Luthuli uHlengiwe, njengoba lishone elayizolo esathungathwa emva kokuthi kusolwa ukuthi umuke nomfula kuguguleka umjondolo wakhe Isithombe: BONGANI MBATHA/ANA
UMUNYU kuthungathwa abevile kwabahlanu okukholakala ukuthi bamuke nomfula obudla izindwani Umsimbane, ohlukanisa iCato Manor neCato Crest eMayville.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi imijondolo abebehlala kuyo eyakhe phezu kwawo iguguleka, emva kwemvula enamandla ebihambisana nesiphepho, ngoLwesibili ebusuku.
Yize isibalo okukholakala ukuthi bathathwe yizikhukhula singakaqinisekiswa kodwa kuthiwa zintathu izidumbu zabahlala kule ndawo ezitholakele okukhona kuzo nesengane, kanti umphakathi nabophiko lokutakula, bebehla benyuka ngethemba lokuthi bazozithela phezu kwezidumbu okukholakala ukuthi ngezabamukile.
Usizi kumalungu omphakathi nezihlobo zabathungatha belubhalwe emehlweni, kanti kuqubuke umunyu ngesikhathi abezimo zokutakula belayisha isidumbu sikaNksz Nolungile Gwija (61) okubikwe ukuthi umuke kulesi sigameko.
Indodakazi kamufi, uNksz Nikeziwe Mnteshane, ithe batshelwe ngomunye osinde ngokulambisa obehambisana nomufi ukuthi baqale ngokushokhwa ugesi.
“Sibone kungena amanzi endlini ngesikhathi kuqinisa imvula, umamkhulu waphuma waya emnyango esimemeza. Bahlangane nabanye abebesemnyango okungomakhelwane abanye abangakatholakali. Lo otholakele esaphila, uthe kuqhume izintambo zikagesi bashokhekha, okuyilapho bedukelane khona,” usho kanje
Uthe ababili bandawonye abangomakhelwane wakubo abebehamba nomufi okunguNksz Nomfundo Mbhele, uNksz Sisanda Mbhele noNksz Lindi Luthuli, bonke kuthiwa bebengakatholakali.
UMnuz Philani Luthuli oyindodana kaNksz Luthuli okuthiwa bangabokudabuka eMandeni, KwaSithebe, uthe ukulahleka kukanina kumhlukumezile kakhulu.
“Ubehlala kuyo le mijondolo esenesikhathi eside ehlala kuyo ngoba ubesondezela eduze nalapho abambe khona itoho. Ngesikhathi sezikhukhula zanyakenye, umjondolo wakhe uthintekile kancane kodwa wawulungisa wabuya wahlala kuwo, kanti nakhu sekuzokwehla lesi sigameko,” usho kanje.
UMnuz Xolani Manciya oyilungu lomphakathi ozibonele ngamehlo, uthe bazamile ukusindisa impilo kaNksz Gwija obelokhu ememeze njalo ngaphakathi emjondolo evinjezelwe amanzi kodwa kwasho ukuthi bese kungaphezu kwamandla, bakwazi kuphela ukuhlenga eyengane abevaleleke nayo.
Isimo sezulu sigadle kwazwela emalokishini aseNanda okuyiDube Village, iBhamshela naseMaoti, njengoba kube nemizi okuphephuke kuyo uphahla. Kubikwe oyedwa okuthiwa umuke nomfula eZwelisha.
UNgqongqoshe woMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu kuzwelonke, uNkk Mmamoloko Kubayi- Ngubane, uMnuz Sipho KK Nkosi owalo mnyango esifundazweni, uNdunankulu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube Ncube neMeya kuMasipala weTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, bahambele izindawo ezikhahlamezekile eNanda ukuyohlola isimo.
Ngokwesibalo esingakaqinisekiswa, iwu-150 imizi ecekeleke phansi eNanda ngexa yalesi siphepho, kanti bangu-36 okuthiwa bakhoseliswe ehholo eliseMaoti abakhahlamezeke ngezindlela ezehlukene.
Uhulumeni uqinisekise ukuthi abalinyalelwe imizwi bazothola ukulekelelwa ngokuthi kubuyiselwe uphahla kuleyo mizi eyohlolwa njengedinga lona noma yakhiwe kabusha leyo elimele kakhulu okungeke kusahlaleka kuyo.
Uveze ukuthi bazokwakhela izindawo zesikhashana abalinyalelwe kanzima yimizi yawo kulesi sishingishane, emva kwalokho bese kudluliselwa kubo izakhiwo eziphelele. Unxuse abalinyalelwe ukuthi baqinisekise ukuthi babhalisa eminyangweni efanele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, unxuse ukuthi kuxhunywane noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu esifundazweni, ukuqinisekisa isibalo sabashonile nabasathungathwa ngenxa yalesi sigameko.
UNksz Nonala Ndlovu okhulumela umnyango esifundazweni ngesikhathi sokushicilela, uthe ubengakabi nalo ulwazi ngokwenzeke eCato Crest.
Related Topics: