AMAPHOYISA aphenya icala lokubulala kulandela ukutholakala kwesidumbu sowesilisa sintanta emfuleni omncane eFlamengo Heights, oThongathi izolo.
Kuthiwa isidumbu sitholwe owesilisa obeqoqa izinsimbi endaweni othinte unogada weReaction Unit South Africa (RUSA) obegade kule ndawo. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe isidumbu sitholwe ngabo-10 ekuseni sinezibazi zokushaywa namanxeba okulimala ekhanda.
Uthe amaphoyisa aqale uphenyo ngokubulawa kwalo wesilisa.
IRUSA ithe amatshe abeseduze nesidumbu abegcwele igazi, nokubenza bakholwe ukuthi ushayiwe.
“Kukholakala ukuthi umufi ushaywe waze wafa kodwa loku akukaqinisekiswa,” kusho umphathi weRUSA uMnuz Prem Balram.