SIGCINE sitholakele isidumbu sowesifazane omuke nomndeni wakhe eMawoti ngempelasonto.
Abezimo eziphuthumayo besebenzisana namaphoyisa izolo ekuseni bathole isidumbu salona wesifazane omuke ngeSonto nengane yakhe noyise wayo.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo, iReaction Unit South Africa (Rusa), uMnuz Prem Balram uthe izolo bathole ucingo obeluvela ekhanseleni lendawo licela ukuthi basize ukuthola isidumbu.
Isidumbu sengane noyise wayo zona zitholakale kuleli sonto.
UBalram uthe bebefuna isidumbu ngendiza enophephela emhlane behambisana namaphoyisa asebenza ngezinja kanti akuphelanga sikhathi esingakanani amaphoyisa abe esesithola isidumbu eduze kwebhuloho. Isidumbu salona wesifazane sitholakale simbozwe utshani obude kwaze kwasiza inja ukuze sitholakale.
Lo mndeni kuvela ukuthi wamuka ngesikhathi kuna imvula enamandla ngeSonto.