KUTHOLAKALE isidumbu somlisa omuke namanzi sesibhajwe ematsheni sivele ngomlenze emfuleni uMngeni, eduze nebhuloho uDumisani Makhaye, KwaDabeka izolo.
Kuthiwa ubelusa izinkomo zakhe eMachobeni, ngesikhathi eziwelisa ukuthi ziyophuza amanzi omfula ongaphesheya wabe esephonseka phakathi wamuka.
Ozibonele ngamehlo lo mlisa emuka nomfula uNksz Mbali Magubane uthe bekuyizikhathi zantambama ngoLwesithathu ngesikhathi lo mlisa ewela nezinkomo ebhulohweni elincane ebese libhidlikile laseMachobeni.
“Ubewela nezinkomo zihamba phambili, ezinye bese ziwelile, kwasala ezine ngemuva. Ngisola sengathi kukhona into emkheqile ngoba uvele wawa waphonseka phakathi wamuka nomfula.
Uthe namaphoyisa akwaDabeka abekhona ngesikhathi emuka namanzi kwasho ukuthi abezohlukela ukumkhipha emfuleni.
“Bekungakuhle ukuba basheshe babikela abosizo oluphuthumayo, noma kukhishwe ibhanoyi bamthungathe emfuleni mhlawumbe ubengasinda,” kusho uNksz Magubane.
Ilungu lomphakathi wakwaDabeka uMnuz Tyrese Dandala uthe babone ngesidumbu sesivele ngomlenze ekuseni ngesikhathi beyodoba.
“Bengishaqekile nalaba ekade ngiyodoba nabo ngesikhathi sibona isidumbu emfuleni, sibe sesibikela amaphoyisa ukuze azosiza,” kusho uDandala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa akwaDabeka asaphenya ngesidumbu esitholakele.
“Uphenyo ngomlisa ominze emfuleni ngesikhathi elusa izinkomo luqale izolo, isidumbu sakhe size satholakala namhlanje,” kusho uLt Colonel Gwala.