BASASHAQEKILE abahlengikazi basesibhedlela i-Edendale eMgungundlovu bethola isidumbu sikazakwabo sesonakele emqashweni oseGerisi, kwaMasikane, KwaDambuza.
Omunye wozakwabo bakamufi obengumngani wakhe, uNksz Zinhle Mahlaba, uthe ugcine ukubona uNksz Florence Dombi Gabuza ngoLwesine ebusuku kade bezoya komunye umngcwabo.
Uthe ubebuya emngcwabeni ngoMgqibelo, wathola ucingo obeluvela komunye uzakwabo luthi akabheke uNksz Gabuza ngoba akalubambi ucingo lwakhe.
“Sihambe nomphathi wezindlu zomqasho sayobheka. Ngifike ngangqongqoza, kwangavulwa. Ngaphinda ngamshayela ucingo sengiphambi komnyango kodwa wangalubamba ucingo,” kusho uNksz Mahlaba.
Uthe umphathi wemiqasho uze wangena ngewindi.
“Ungene ngaphakathi wafike wavula umnyango njengoba ukhiye ubulenga esicabheni. Isidumbu sisifice sidindilizile, elele ngesisu, sesinuka.”
UNksz Mahlaba uthe namanje umqondo wakhe usaphazamisekile ngento ayibonile.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Ncumisa Mafunda, uthe: “SiwuMnyango silahlekelwe kakhulu wumhlengikazi obenamava. Sikhalisana nomndeni, ukulahlekelwa yilungu lomndeni yinto ebuhlungu.”
Omunye umthombo obukhona kutholwa isidumbu sikamufi ongathandanga ukudalulwa, uthe kuqale kwaba nephunga ebelixakile kodwa kungaziwa ukuthi liqhamuka kuphi.
“Sibe sesibheka ukuthi liqhamukaphi, sathola ukuthi belivela endlini kaDombi. Isidumbu sakhe besinqunu futhi sinamathumba abebangelwe ukushisa,” kusho umthombo.
Ubuye wachaza umufi njengomuntu obezithanda engenaso isikhathi sabantu besilisa.
Abahlengikazi bathe basola ukuthi ubulawe yisifo sikashukela ngoba ubenaso.
Umfowabo kamufi, uMnuz Langa Gabuza, uthe bashaqekile ngokushona kukadadewabo ngoba kade benaye ngamaholidi kaKhisimusi.
Uthe umufi ushiye emhlabeni odadewabo ababili nabafowabo abane. Ubengenangane futhi engenaye ahlekisana naye.
“Uzofihlwa emathuneni asekhaya eBruntville, eMooi River, ngoMgqibelo ngemuva kwenkonzo ezoba sehholo lomphakathi ngo-9 ekuseni,” kusho uGabuza.