KUTHOLAKALE ikhanda nomlenze okushile kowesifazane owayegcine ukubonakala ephelezelwa ‘ngumyeni wakhe’ eMshozi, KwaNgcolosi, ngenkathi eya kovakashela umndeni wakhe eFolweni.
Kuvela ukuthi ikhanda nomlenze kukaNksz Siphithemba Nyide (34) kutholakale eNanda kushile emuva kokuthi imiphumela yolibofuzo ikhombe ukuthi amalunga omzimba ngawakhe.
Lawa malunga omzimba atholakale ngemuva kokuthi izingane ezazidlala zitshele umphakathi ukuthi zibone umuntu wesifazane owayejahwa ngowesilisa ebalekela ngakuzona.
Udadewabo kamufi, uNkk Thembeka Martin, uthe umndeni uthole ucingo oluvela esikhungweni esihlola amasampula olibofuzo ePitoli ngoLwesine olwedlule luqinisekisa imiphumela.
Uthe emva kokuthola lo mbiko, umfowabo ube esephuthuma emakhazeni ukuyokhomba isidumbu nokuyilapho efice ikhanda nomlenze, amanye amalunga omzimba engekho.
“Yize ubuhlungu esibuzwayo njengomndeni bungachazeki kodwa sizoke sithole ukududuzeka ngoba ukumngcwaba kuzosisiza simazi ukuthi ulele kuphi noma kuzosiphoqa ukuthi sifihle ikhanda nomlenze ngoba kuseyiwona malunga omzimba asatholakele.“
Besilindele ukuzwa noma yini emuva kokuthi elahlekile kodwa okusithusa kakhulu wukuthi watholakala endaweni engajwayelekile futhi asikaze simuzwe ethi uya eNanda,” kuchaza uNkk Martin.
Uveze ukuthi umyeni kamufi wanyamalala emuva kokuthi Isolezwe libhale ngokuduka kwakhe ezinyangeni ezimbili ezedlule.
“Ngicela ukungachazi kakhulu kodwa ngumyeni wakhe ngoba wayekade esemlobolile. Wanyamalala emva kokuba kuphume iphepha lichaza ngokuduka kukaSiphithemba kanti namaphoyisa asamthungatha.
“Okwakusithuse kakhulu ngenkathi sibona engabuyi wukuthi wayekade egcine ukubonakala ehamba nomyeni wakhe kanti babenomlando wokuxabana ngesikhathi besathandana. Nabangani bakhe babehlezi bengixwayisa ukuthi umyeni wakhe ujwayele ukumbeka isandla,” kuchaza yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe kutholwe isidumbu sowesifazane eNanda sishisiwe, kwenziwa ulibofuzo kwatholakala ukuthi ngesikaNksz Nyide.
Uthe umndeni wazisiwe ngemiphumela kanti icala lokubulala liphenywa ngamaphoyisa aseNanda.