UYAQONGA umsindo phakathi kwezikhulu ze-ANC kuzwelonke njengoba sekungenelele nelinye ilungu layo eliqavile. UMnuz Fikile Mbalula oyiNhloko yezoKhetho noMnuz Ace Magashule onguNobhala-Jikelele bake baphambana ngemibono kodwa kwabuye kwalotha.
Iqale phansi ke indaba njengoba uMnuz Carl Niehaus esegxeke uMbalula ngokungamhloniphi uNobhala uMagashule. Konke lokhu kwenzeka kuTwitter kubuka lonke izwe njengoba uMbalula egcine emvala uNiehaus kuTwitter wakhe.
UNiehaus ubize uMbalula ngegwala ngoba emvale kuTwitter wakhe.
Umsindo usuke ngokuthi uMbalula uthe i-ANC ibingeke ilibone elidlalayo okhethweni ukube ibingadondolozeli ngoMnuz Cyril Ramaphosa.
Uthe ibizothola ngaphansi kuka40%. UMagashule akapholisanga maseko wathi wumbhedo lowo ngoba akuvotelwa umuntu oyedwa kodwa kuvotelwa inhlangano. UNiehaus uthe wenze kahle impela uMagashule ayichithe inkulumo kaMbalula.
''Alikho ilungu l-ANC elikhulu ukuyedlula yona qobo inhlangano. Ngeke kube khona ilungu lenhlangano elihamba likhuluma ukuthanda kwalo kwabezindaba bese liyekwa kanjalo," kusho uNiehaus othe uMbalula kumele akhumbule ukuthi uMagashule uNobhala-jikelele wenhlangano okumele amhloniphe.
No ways comrade @MbalulaFikile! pic.twitter.com/LyQGBMbXZd
— Carl Niehaus (@niehaus_carl) May 10, 2019
Hmmm so this young chap, Mr. Fearfokkol 🙄, @MbalulaFikile, has gone & blocked me. He seems to fear much, especially engagement about his blatant opportunism, careerism & lack of repect for his seniors, such as the SG of the ANC, comrade @Magashule_Ace. Talk about real cowardice! pic.twitter.com/q1SB8GMIrz
— Carl Niehaus (@niehaus_carl) May 15, 2019
Umbalula, uphendule uNiehaus wathi akamazi ungenaphi ezindabeni ze-ANC ngoba indawo yakhe enhlanganweni ayicacile futhi uzokhishwa eLuthuli House kungekudala.
You are a crook what the hell you doing at luthuli house is still a mystery to us now that we are done with elections we must deal with you .
— Mr Fearfokkol | Forever Young (@MbalulaFikile) May 15, 2019
UMbalula wesekwe obengungqongqoshe wezokuvakasha kuleli uMnuz Darek Hanekom othe kungangcno ukube uNiehaus ukhuluma ngamanga awahubhuza ethi uphethwe umdlavuza.
Carl, let's rather talk about the money you took from people with your story about having bone marrow cancer. A Deputy Minister even went to the funeral of your mother, only to discover that she was still alive. https://t.co/1gRCKsHNng
— Derek Hanekom (@Derek_Hanekom) May 15, 2019