KUTHOLAKALE esinye isidumbu sowesifazane, owamuka netekisi, iToyota Quantum, elalisuka eWeenen, lilibangise eMngwenya, ePhofini, ngesonto eledlule, ngoMgqibelo ntambama.
Kuthiwa lesi sidumbu sitholwe ngoLwesihlanu ntambama, ngumalume kamufi ohlala eMashuka, eMsinga, obeyobheka izinkomo emadlelweni.
Kuthiwa uzithele phezu kwaso sikhafulwe wumfula, uThukela kuyo le ndawo.
Isidumbu sikamufi ebesihanjwa yizilwane, kubikwa ukuthi bese sonakele ebusweni nasezinyaweni.
Isidumbu sitholwe sesihambe amakhilomitha angu-72.
UMnuz Sandile Zungu oyisakhamuzi saseMngwenya, uthe amanye amalungu omphakathi aphikelele endaweni okutholwe kuyo isidumbu ngenhloso yokuyobheka ukuthi ngesikabani?
“Isidumbu sikamufi sitholwe ngumalume wakhe sikhafulwe wumfula. Sekusele ukuthi kutholakale isidumbu esisodwa njengoba bebane abantu ebesibathungatha. Sinethemba lokuthi sizotholakala ngoba amalungu omphakathi asebenza ngokuzinikela ekuthungatheni abantu abaminza,” kubeka uZungu.
Umufi okubikwa ukuthi ungowasemndenini wakwaZiqubu, kuthiwa waminza nabanye abagibeli abathathu.
Amalungu omphakathi ayezama ukuhlenga abagibeli abane ababeminza, kubikwa ukuthi agcina ehlulekile wukubakhipha emfuleni owawungenisile.
NgeSonto eledlule, kutholwe izidumbu zabesifazane ababili okuthiwa ngabasemndenini owodwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Mbele, ukuqinisekisile ukutholakala kwesidumbu ngoLwesihlanu.
“Amaphoyisa esiteshi saseMsinga avule idokodo lokufa komuntu mayelana nokutholakala kwesidumbu sowesifazane oneminyaka elinganiselwa ku-40, okubikwa ukuthi waminza netekisi,” kubeka uCol Mbele.
Kuthiwa bangu-13 sebebonke abantu abaphuma besaphila etekisini.