UNYAZILWEZULU kuthiwa lufuna inhlalisuthi eyazi ngomthetho, ibuyise imali yalo elinganiselwa kuR30 million “wokuqeda icala” Isithombe: SIGCINIWE
SEKUQUBUKE izinsolo zokuthi isethenjwa soNyazilwezulu esiyisazi sezomthetho, uMnuz Lizwi Ncwane, siphekwe ngobhojwana eBuhleni, ngodaba lwemali okuthiwa sayinikwa yilo mholi ngenhloso yokucubuza amagabadi emajajini ukuze bawine icala.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto kuthiwa, kube nemihlangano emibili eBuhleni, ebibizwe wuNyazilwezulu luzodingida udaba lukaNcwane nabafundisi namakhosi.
Umhlangano wokuqala kuthiwa ubungoLwesithathu olwedlule, nangoLwesibili kuleli sonto. Kuthiwa uNcwane wanikwa izigidi zemali njengoba wayethembise uNyazi ukuthi uyazana namajaji, angayenza imizamo yokuthi kuphele icala.
“Bekushubile kule mihlangano futhi uNyazi lukucacisile ukuthi lufuna imali ibuye ngoba ayiwenzanga umsebenzi eyayikhishelwe wona. Umhlangano ugcine uthathe isinqumo sokuthi uNcwane ayibuyise le mali naye wavuma ukuthi uzoyibuyisa,” kusho umthombo.
Kuthintwa uNcwane, uvele wafa yinsini, wathi abantu bazikhulumela noma yini engekho.
“Kwamihlangano leyo okukhulunywa ngayo ayikaze ibekhona. Ngokomsebenzi wami angikwazi ukuthi ngingenza into enjalo, futhi bengingazi nokuthi amajaji ayagwazelwa.
“Ngokunjalo neNkosi uNyazi ngeke ingene endabeni yemigwazo. Umuntu osho njalo akayovula icala uma enobufakazi balokho ngoba yicala lelo,” kusho uNcwane obezwakala ekhululekile.
Uthe abasho njalo abangakujabuleli ukumbona enza umsebenzi omuhle ebandleni. Wathi usazoqhubeka abekhona futhi kuningi abasazokwenza okuhle okuthinta ibandla ngaphansi kobuholi boNyazilwezulu.
Kuthintwa okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe uke wayizwa indaba enjalo ikhulunywa ebandleni.
“Imihlangano ibikhona kodwa ngenxa yomthetho webandla ngeke ngikwazi ukudalula ukuthi bekukhulunywani kuyona. Akuvumelekile ukuthi ngikhulume nabezindaba ngemihlangano yalolo hlobo ngenxa yobucayi bayo.
“Engingakusho wukuthi uma kukhona lokho kuzobe kungaqali njengoba kwake kwenzeka kumholi webandla Inyangayezulu (AK Shembe). Nayo yake yakhohliswa wummeli uKenneth, okwavela ngokuhamba kwesikhathi ukuthi ubezidlela imali yenkosi.
“Wabanjwa waxoshwa nasebandleni nonkosikazi wakhe. Ngisho ezibongweni zeNyangayezulu kuyavela lokho futhi yinto eyaziwa yiwona wonke amaNazaretha,” kusho uMncwabe.