IPHOYISA elidutshulwe labulawa lingekho emsebenzini eSavannah Park, eThekwini, ngoMgqibelo, kuthiwa belisanda kubopha inkunzimalanga yesigebengu okwaziwayo ukuthi asithintwa.
Lokhu kuvezwe yilungu lomndeni elingathandanga ukuthi kuvezwe igama lalo ngenxa yokwesabela impilo yalo.
UConstable Nkululeko Brian Mhlungu (28) ongowokudabuka khona eSavannah Park, udutshulwe ngentululwane yezinhlamvu esegcekeni lomuzi abeqashe kuwo kuwo.
Ubesasebenze iminyaka embalwa esiteshini samaphoyisa saseChatsworth.
Ngesikhathi ehlaselwa ubesegcekeni exoxa nabanye aqashe nabo emiqashweni esemgwaqweni uNxele Crescent.
Kuthiwa kuqhamuke indoda engaziwa, yafike yavulela ngenhlamvu ibhekise kumufi.
Kuvele ukuthi angu-21 amagobolondo ezinhlamvu atholwe endaweni yesigameko.
Kuthiwa umsolwa uthe eqeda ukudubula umufi, kwaqhamuka imoto empunga, yafike yamthatha masinyane, ngaphambi kokuba ikhale amaphepha.
Ilungu lomndeni elikhulume neSolezwe izolo, lithe abangani bakamufi batshele umndeni ukuthi ubesanda kubaxoxela ukuthi uzizwa engaphephile, enokwesaba ngoba ubophe isigebengu esingaboshwa.
“Baze basitshela ukuthi bese kunezinsukwana engayi emsebenzini ngoba ezizwa engaphephile,” kusho ilungu lomndeni.
Lithe kubona bengumndeni, umufi ubengakaze abaxoxele lutho olumayelana nokuthi uzwa sengathi impilo yakhe isengcupheni.
Lithe bese kuphele unyaka aphuma ekhaya wayohlala emqashweni okhona endaweni, lo agcine ebulawe kuwo.
Okhulumela amaHawks KwaZulu-Natal, uCaptain Simphiwe Mhlongo, uthe uphiko lwamaphoyisa aphenya amacala abucayi eThekwini, luphenya icala lokubulawa kwephoyisa eSavannah Park, ngoMgqibelo.
“Leli phoyisa lidutshulwe labulawa ngabantu abangaziwa ngesikhathi lilapho lihlala khona. Imbangela yokubulala ayikakaziwa kanti bekungakaboshwa muntu ngalesi sigameko,” kusho uCapt Mhlongo.