SEKUSUNGULWE izikhungo ezimbili eMgungundlovu naseThekwini ezizosiza zikhoselise abantu besilisa abahlukunyezwayo emakhaya.
Lokhu kumenyezelwe nguNgqongqoshe wezeNhlalakahle uNkk Nonhlanhla Khoza izolo ethula isabelo sezimali sikaR3.2 billion salo mnyango esiShayamthetho sesifundazwe eMgungundlovu izolo.
UNkk Khoza uthe abesilisa abashaywayo sebezothola usizo emnyangweni.
“Lezi zikhungo zizosiza abesilisa abahlukunyezwayo zizoba sezifundeni uMgungundlovu naseThekwini. Okwamanje bangu-69 abakhoseliswe kulezi zikhungo. Ngiyajabula ukuthi ngenza lesi simemezelo ngenyanga yamadoda,” kusho uNkk Khoza.
Unxuse abanye besilisa abahlukunyezayo ukuthi baphumele obala babike bangafeli ngaphakahi.
“Umnyango usungule ezinye izikhungo ezingu-22, i-White Door Centres of Hope, ezizonyuswa zifinyelele ku-36 ezisiza izigilwa bezehlo zodlame. Sinike imvume ezinye izikhungo ezine ukusiza abagilwa ezisuke zizoshushumbiselwa kwamanye amazwe ezizoba seMajuba, Mgungundlovu naseThekwini,” kusho uNkk Khoza.
Uthe lonke uhlelo luzodla uR57 million wathi banezikhungo ezingu-22 zokusiza abesifazane abahlukunyeziwe.
Uqhube wathi indaba yezidakamizwa iyona into eyenza ukuthi abantu benze izinto ezingalungile.
“Sizothatha umkhankaso wethu iKe Moja siwuyise ezikhungweni zemfundo ephakeme. Sifuna ukulwa nendaba yokusetshenziswa budedengu kwezidakamizwa.”
Uthe uzohlangana nezimeya zomasipala ukuze kuliwe nesihlava sezidakamizwa emphakathini.
Uqhube wathi kune-call centre esiza abantu abanezinkinga.
“Le call centre kusebenza osonhlalakahle khona ukuze bakwazi ukusiza imiphakathi enezinkinga. Inamba yakhona ithi 0871583000.”
Uthe bafuna ukuthi izikhungo zomnyango zisebenze ngaphansi kwemigomo ethile.
Uqhube wathi bayazinakekela nezingane eziphila nokukhubazeka wathi banezinhlelo ezisebenza ubusuku nemini zokusiza izingane ezihlukunyezwayo.
“Uhlelo lwamavawusha lokusiza imiphakathi esuke ihlukumezekile lufinyelele kubantu abangu-6000. Lusiza lapho kusuke kunezinhlekelele khona.”
Uthe ikhaya libalulekile yingakho benomkhankaso ofaka abesilisa ukuze babe yingxenye yawo benze ushintsho.
I-DA ikhale ngokuthi osonhlalakahle abaqashiwe babhuquza emakhaya.
Leli qembu likhale nangokuthi ziningi izingane ezigcinwe ezikhungweni zomnyango ngoba zingenawo amakhaya.