UKWANDA kwezigameko zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane ngokocansi ezikhungweni zemfundo ephakeme eNingizimu Afrika, sekuholele ekusungulweni kwe-App ebizwa ngoKwezi, okuhloswe ngayo ukulwa nalesi sihlava.
Abasunguli bale App, uRefilwe Semenya 22, noNgoako Monyebodi 23, bayizitshudeni ezenza unyaka wokugcina kwi-Electrical Engineering esikhungweni semfundo ephakeme, iWits University.
“Inhloso ukubika abahlukumezi ngaphakathi esikhungweni semfundo. Asikho isidingo sokuthi owesifazane aziveze ukuthi ungubani,” kusho lezi zitshudeni.
Ngokwalezi zitshudeni, isikhungo semfundo ephakeme yisona esizokwazi ukuthola ukuthi umhlukumezi wubani, sisize ekwelulekeni ngokwengqondo isisulu kuze kuyofinyelelwa ekuvulweni kwecala emaphoyiseni.
Lesi senzo sesishayelwe ihlombe nayizinhlangano ezilwelwa amalungelo abesifazane.
OWAYEYISITSHUDENI saseRhodes University uNksz Khensani Maseko ungoimunye okusolwa ukuthi wazibulala emva kwezinsolo zokudlwengulwa yisoka lakhe ayefunda nalo kule nyuvesi Isithombe: ESAN.TV
UNksz Nonhlanhla Mokwena onguMqondisi omkhulu enhlanganweni iPeople Opposing Women Abuse (POWA), usishayele ihlombe isinyathelo esithathwe yilezi zitshudeni.
“Nanoma yiziphi izindlela ezikhona zokulwa nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane esikhathini lapho kwanda kakhulu ukuhlukunyezwa kwabo, siyozamukela,” kusho uNksz Mokwena.
Uthe okuhle ngomqondo kaKwezi, ukuthi uqhamuke nabantu abasha abasethubeni elihle leminyaka evunwa imiqondo emisha ehambisana nobuchwepheshe besimanje.
“Singakujabulela ukuthi lo mkhankaso, utholakale kulo lonke uhlobo lwama selula ngoba enye yezinselelo ukuthi kuyenzeka itholakale kuma smart phones kuphela,” kuchaza yena.
Ngokwakhe, leli yithuba elihle lokusebenzisana phakathi kwezinhlangano ezilwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane.
Uthe usho kanje ngoba nabo banayo i-App ebizwa ngokuthi yiPOWAgbr, abayisungule nyakenye.
“Inselelo esibhekene nayo ukuthi asikwazi ukuyisabalalisa ngendlela esifisa ngayo ngenxa yokuthi siyinhlangano ezimele engenazo izimali ngokwanele,” kusho yena.
Uthe eyabo i-App ixhumene neminyango kahulumeni ebhekele ukuthuthukisa umphakathi, wathi okwamanje basagxile esifundazweni saseGauteng.
“Siyafisa ukusabalala izwe lonke, inkinga wukuthi asinayo imali eyanele. Ngeke kusisize ukuthi sisabalale naKwaZulu-Natal, kodwa uthole ukuthi asinabo osonhlalakahle abazobhekana nezigameko ezenzeka kuleyo ndawo,” usho njalo.
Ngokwakhe, kubalulekile ukuthi owesifazane ohlukumezekile, abonane ubuso nobuso nosonhlalakahle ukuze athole ukwelulekwa okumfanele.
UMnuz Ndumiso Madubela wenhlangano iWomen in Dialogue neMen March, uthe bona bafana namathuluzi okulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane ngezindlela ezahlukene, yingakho kubajabulisa ngaso sonke isikhathi ukuzwa ukuthi ababodwa kulo mkhankaso.
“Iqhaza elifana naleli yinto okumele ukuthi wonke umuntu azibandakanye nalo,” usho kanje uMadubela.
Uthe emikhankasweni yabo yokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane, usethole ukuthi kusenomqansa wokubonisa abesilisa ngobungozi bokuhlukumeza abesifazane.
“Iningi labantu besilisa lisakholelwa wukuthi kuwusiko ukushayela owesifazane ikhwela nokumthina ekubeni ethe akathandi,” echaza.
Ngokusho kwalaba bafundi, le App izoqala ukusebenza eWits University, bese kuthi ngonyaka ozayo, yenabele nakwezinye izikhungo zemfundo ephakeme.