SEKUVELE ukuthi bebekhala ngokungabi nazindlu, isiteshi samaphoyisa esingumahamba nendlwana, nomtholampilo abantu baseMtubatuba abakade bevale umgwaqo onguthelawayeka uN2 izinsuku ezimbili.
NgoLwesibili kulo mgwaqo bengadluli lutho oluya ngasoPhongolo ngemuva kokuthi amalungu omphakathi eshise amaloli amabili ekhala ngezinsiza abangenazo emphakathini.
Izolo, uNgqongqoshe wezokuThutha nezokuPhepha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, nowezokuHlaliswa kwabantu uMnuz Ravi Pillay bahambele kule ndawo ukuyokuzwa izikhalo zababhikishi.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha, uMnuz Kwanele Ncalane, uthe umphakathi uveze ukuthi kudala wawucela lezi zidingo kuhulumeni kodwa ungazitholi izimpendulo.
“ONgqongqoshe bathembisile ukuthi izikhalo zabo zizobhekwa baphinde babatshela ukuthi bazobuyela emphakathini uma sebehlangene nabanye abaholi ngalolu daba. Kodwa ke asikukhuthazi ukuthi umphakathi uphazamise abantu abaya emsebenzini, nezingane eziya esikoleni ngisho nokuphazamisa ukuhamba kwezimoto emgwaqweni njengoba bekuvalwe umgwaqo, ngezinye izinto ezingeke uhulumeni azibekezelele,” kusho uNcalane.
Uthe abantu abebedala udweshu emphakathi banxuse amaphoyisa ukuthi ababophe.
“Abantu badinga ukufundiswa ukuthi abanalo ilungelo lokuphazamisa abanye. Izingane beziya esikoleni nabasebenzayo bebehamba kodwa kukhona ukwesaba,” kuchaza
uNcalane.
Uthe umgwaqo ubususebenza izolo ntambama wathi namacala avulwe amaphoyisa ayaphenywa.
Khonamanjalo lize lashona izolo umgwaqo onguthelawayeka uN3, eVan Reenen Pass uvaliwe ngemuva kokuthi abashayeli bamaloli bemise amaloli emgwaqweni bekhala ngokuqashwa kwabantu bokufika kuleli.
UNcalane uthe amaphoyisa akhona endaweni asibhekile isimo futhi nabo njengomnyango bazolusukumela lolu daba.