KUSUKE udweshu ngaphandle kwenkantolo obekuvele kuyo indodana kaloyo owayenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, uDuduzane.
NgoLwesine uDuduzane ufike egadwe ngamaphoyisa, amalungu eBlack First Land First (BLF) ebelwa nawe-AfriForum ebiza isikhulu sale nhlangano uMnuz Kallie Kriel "ngesifika namthwalo esinobandlulo".
Bekukhona nomholi weBLF uMnuz Andile Mgxitama obememeza uKriel ngesikhathi ekhuluma nezintatheli.
Ngesikhathi uDuduzane esephuma enkantolo amalungu eBLF adudule izintatheli ezivimbela ukuthi zimbuze imibuzo.
"Ekugcinneni buzotholakala ubulungiswa," kusho uKriel.
UDuduzane ubesenkantolo ngecala lokushayisa lengozi yemoto yakhe eyashayisana netekisi eyenzeka ngoFebhuwari 2014.
Kuleyo ngozi kwashona uNksz Phumzile Dube endaweni yesigameko noNksz Nanki Jeanette Mashaba owashonela esibhedlela.
Ngaphakathi enkantolo, uDuduzane ukhulume nezihlobo zakhe nodadewabo, ubephinde amoyizele nezintatheli ebezinikwe igunya lokusakaza okwenzeka enkantolo.
Icala lihlehliselwe u-Agasti 23. UDuduzane akazange aphawule ngaleli cala.