USHIYE angalazi kubaholi boMkhonto weSizwe Military Veterans Association (MKMVA) uNgongqoshe wezokuThutha kuleli uMnuz Fikile Mbalula ebiza okhulumela le nhlangano uMnuz Carl Niehaus ngesigebengu esidala esiqashwe nguNobhala-jikelele we-ANC eLuthuli House, uMnuz Ace Magashule.
UMbalula usho kanje ngoNiehaus empini ayisuse izolo ekuseni ekhasini lakhe kuTwitter lapho aveze khona ukuthi i-ANC ibhekene nezimpisi ezicashe ngesikhumba sezimvu.
Lokhu kulandela imashi iMKMVA ebiyeseka kuyo iSanco neCosas eGauteng kumashelwa ukuthi kuboshwe uMbalula. Bakhala ngokuthi uMbalula uhlulekile ukulungisa izinto kwaPrasa ekubeni abantu bethembele ezitimeleni.
FULL: STATEMENT BY MINISTER @MBALULAFIKILE on CAMPAIGN BY PEOPLE WHO ALLEGE THEMSELVES AS MK VETERANS pic.twitter.com/EfDnw7XCod
— Minister of Transport |Mr Fix (@MbalulaFikile) October 12, 2020
Ebhala kuTwitter uMbalula uthe empeleni kunabaholi bayo iMKMVA abebedla ngezinkampani zonogada ezingombombayi ebeziqashwa kwaPrasa. Uthe izinkinga eziningi abebebhekene nazo sezizoxazululeka njengoba uPrasa usuzoziqashela wona onogada,
"UPrasa ubufana nenkomo ebeniyisenga, isono sami kube ukuvala umpompi. Benizenzela umathanda ngezinkampani zonogada ezingombombayi. NINYILE," kuloba uNgqongqoshe kuTwitter.
Uqhube wakhumbuza abantu ukuthi uNiehaus wake waqamba amanga wathi kushone unina ukuze athole izimali zomshwalense.
Karl Niehaus faked the death of his own mother ,Faked death of his own mother ,faked death of his own mother today he is showing up with chicken audacity threatening everyone including the state.
— Minister of Transport |Mr Fix (@MbalulaFikile) October 12, 2020
Akagcinanga lapho uMbalula njengoba edlulele kumengameli weMKMVA, uMnuz Kebby Maphotsoe naye ethi useke wabhekana nezinsolo zobugebengu njengoNiehaus.
Uphakamise imibuzo ngendima eyadlalwa uMaphotsoe empini nohulumeni wobandlululo ethi njengoba enengalo eyodwa nje walahlekelwa yisandla ngenxa yobugwala hhayi ngoba ayelwa nobandlululo.
Ephendula le mibhalo uMaphotsoe uthe uMbalula kuzomele axolise ngakho konke akushilo ngoba uhlasele iMKMVA. Uthe kuzomele axolise ngaphambi kokuthi enze inkulumo emphakathini.
"Noma ngabe ukuphi, sizokwenza isiqiniseko sokuthi uyasukuma axolise phambi kwabantu. Uma engakwenzi lokho akukho mhlangano azokhuluma kuwo," kusho uMaphotsoe.
Noma engalifakanga igama likaMbalula kumbhalo wakhe uMagashule ubhale kuTwitter wathi: "o thomile go gafa" (usuqalile ukuhlanya). Ngokuhamba kwesikhathi uMbalula uwuphendulile lo mbhalo ebuza ukuthi ngabe usho kuye yini ukuthi useyahlanya.
"Sengibathinte kwezwakala, obasi babo sebephumela obala. Bathi siyahlanya, abaholi bethu," kubhala uMbalula.
Okhulumela i-ANC, uMnuz Pule Mabe uyigxekile imibhalo kaMbalula kuTwitter wathi kumele asebenzise izinhlaka zangaphakathi enhlanganweni ukuzwakalisa izikhalo ngabanye abaholi benhlangano.